UMQEQESHI waMaZulu FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, ufuna babusebenzise ubuthaka beMamelodi Sundowns esazama ukuhlanganisa amasu ngaphansi komqeqeshi omusha uMiguel Cardoso wasePortugal osazama ukuzinza eChloorkop.
AmaZulu azobhekana neSundowns emdlalweni weBetway Premiership ngo-3 ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
AmaZulu ashayela phezulu kulandela ukucosha amaphuzu amathathu kwiRoyal AM abayehlule ngo 2-1 kowabakhaya baKwaZulu-Natal wakamuva. Kulo mdlalo, Usuthu lukhombise ukuhlangana nokuyiqonda indlela uVilakazi no-Arthur Zwane abafuna ludlale ngayo.
ISundowns, ehlezi esicongweni se-log yePremiership, isazama ukujwayela isitayela sikaCardoso ongene endaweni kaManqoba Mngqithi emasontweni adlule. Emdlalweni wakhe wokuqala, uCardoso ushaye iRaja Casablanca yaseMorocco ngo 1-0 koweCaf Champions League ekuhambeni. Ngesonto eledlule, uwine umdlalo wokuqala weligi ehlula iStellenbosch FC ngo 1-0. Kuyona yomibili le midlalo, amagoli ashaywe ngu-Iqraam Rayners. Lo mphumela wenze iSundowns yavula igebe lamaphuzu amathathu phakathi kwayo ne-Orlando Pirates esendaweni yesibili.
“Kubukeka sengathi zikhona izinguquko abazama ukuzenza. Kodwa engingakusho wukuthi sengibabukile emidlalweni emibili yakamuva abayidlalile lapho okubonakalayo khona ukuthi umqeqeshi omusha usazama ukwenza okuthile okuhlukile okungokwakhe.
Nokho kubukeka kungakenzeki ngale ndlela afuna kwenzeke ngayo njengoba besanqobe imidlalo emibili ngokushaya igoli elilodwa umdlalo ngamunye. Akuyona iSundowns esiyaziyo, lokho okuyizinkomba zokuthi iqembu alikabi kuleli zinga afuna libe kulo njengamanje.
Ngakho ngicabanga ukuthi sinenhlanhla yokubhekana nabo ngalesi sikhathi besazama ukuhlanganisa okuthile ngaphansi komqeqeshi omusha. Sizokwenza okusemandleni ukuthi silwele ukuwunqoba lo mdlalo esiyowudlala neSundowns yize singeke nangephutha siyithathe kancane ngoba siyazi ukuthi iyiqembu elinabadlali abaseqophelweni eliphezulu futhi elidlala kahle kakhulu,” kusho uVilakazi.
AmaZulu asashaye amagoli angu-10, angenelwa angu-11 emidlalweni eyisishiyagalombili asayidlalile. Yikho okwenza uVilakazi ebona kunesidingo sokuthi leli qembu lithole omunye umgadli ngewindi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali.
“Odongeni lwethu lwasemuva ngikholwa wukuthi sisadinga ukwenza kangcono kakhulu ekulungiseni amaphutha okungenelwa ngamagoli angenasidingo. Naphambili ngikholwa wukuthi siyadinga ukuthola omunye umgadli. Yize sinaye uJunior Dion, Ighodaro (Etiosa) noSenzo Ndlovu kodwa siyamdinga omunye umgadli ozoshubisa umbango wejezi njengoba sikuqonda ukuthi u-Ighodaro akayena umdlali wethu esimsayinise ngokugcwele.”
Usuthu luya kulo mdlalo nje lusanda kusayinisa abadlali ababili okungowasesiswini uBongani “Ben 10” Zungu osuka kwiMamelodi Sundowns noSandile Mthethwa obedlala emuva kwi-Orlando Pirates.
UVilakazi uthe kufanele balijulukele ijezi.
“Yize siwadinga amava abo kodwa njengoba befike esitimeleni esihambayo, kusho ukuthi nabo kuzomele basebenze. UZungu usanda kuqala nje ukuziqeqesha, kanti uMthethwa ngicabanga ukuthi uzoqala ukudlala ngoJanuwari,” kusho uVilakazi.