UMDLALI wasesiswini kwiRoyal AM, uKabelo “Skipper” Mahlasela, ukholwa wukuthi akukubi ngale ndlela abaningi abacabanga ukuthi kungayo kuleli qembu okukhona abalibona lizobalwa nangase agawulwe yizembe ekupheleni kwesizini.
I-AM esanqobe umdlalo owodwa kuphela kwengu-10 esayidlalile kule sizini ka-2024/2025, isendaweni ka-14 kwi-log yeBetway Premiership.
Ibuya esibhaxwini sika 2-1 esithole kuMaZulu FC emdlalweni wabakhaya baKwaZulu-Natal ngeledlule, njengoba ivivela ukusonga unyaka ngomdlalo waseskhaya neTS Galaxy ngoDisemba 29, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
“Noma saziwa isimo esibhekene naso njengeqembu sokungakwazi ukusayinisa abadlali ngenxa yesigwebo seFifa kodwa senza okusemandleni njengabadlali ukungakwenzi lokho kube yizaba zokwehluleka kwethu ukuthola imiphumela egculisayo. Eqinisweni isizini asiyiqalanga kabi ngoba emidlalweni emine yokuqala sikwazile ukubuya namaphuzu umdlalo ngamunye, sabe sesishaywa yiSundowns (Mamelodi) kowesihlanu.
“Yikho-ke nje ukuthi besidlala ngokulingana singawini kwemine yokuqala. Ukuba sikwazile ukuwina noma emibili yaleyo midlalo ngabe isimo sethu kwi-log singcono kakhulu kunalokhu esiyisona njengamanje,” kusho uMahlasela, obalwa nabadlali abadala kuleli qembu elizinze eMgungundlovu.
“Ngemuva kokushaywa kwethu yiSundowns sikwazile ukunqoba umdlalo wethu wokuqala sishaya iSekhukhune (United), kodwa salahla umgqigqo emidlalweni elandelayo sishaywa yiPolokwane (City) neGolden Arrows ngaphambi kokudlala ngokulingana neChiefs (Kaizer) njengoba sesishaywa AmaZulu.
“Ngakho isimo sethu asisibi ngale ndlela abaningi abazitshela ukuthi sibi ngayo. Sidinga nje ukunqoba noma okungenani imidlalo emibili kwelandelayo esizoyidlala, bese silwela ukugcina umgqigqo. Uma singaphumelela ukwenza njalo, nakanjani sizonyukela endaweni engcono kwi-log.
“Sidinga ukulungisa amaphutha ambalwa ikakhulukazi emuva, singangenelwa ngamagoli angenasidingo, sikwazi nokushaya amagoli ukuze senze kangcono ngesikwati esinaso njengamanje.
“Sinabadlali abazinikelayo nabazimisele kakhulu ukulifela iqembu, ngakho indaba yezembe ayikho nhlobo emiqondweni yethu njengamanje, kusesekuseni kakhulu ukuthi sesingacabanga ngaleyo nto.”