ABADAYISI abangosomabhizinisi abancane erenki yamatekisi yaseSydenham, esenkabeni yeTheku, bakhala ngokuthi sebelahlekelwa amakhasimende ngenxa yokuvalwa kwezindlu zangasese eziseduze nalapho bedayisela.
Lezi zindlu zangasese zikakwe yizindawo zokudla okubalwa kuzo izitolo ezinkulu ezidayisa ukudla i-Boxer ne-Check Save, bese kuba osomabhizinisi abancane abadayisa ukudla khona erenki nokunye.
Uma uqhamuka nje, ukhangwa yiphuma lomchamo elithaphukayo, amanzi amnyama agelezayo kanye nendawo lapho abesilisa asebechama khona ngaphandle kwazo izindlu zangasese, babodwa nabazikhululayo.
Abadayisi bakhala ngokuthi bebeze behambe ibanga beya kwamanye amarenki befuna ukuyochama noma ukuyozikhulula.
Exoxa neSolezwe, uNksz Thulisile Mathunjwa onekhishi elidayisa ukudla, uthe kusukela ngo-Okthoba, izindlu zangasese zivaliwe.
"Njengoba amathoyilethi avalwa ngoOkthoba-nje, abantu bayazikhulula baphinde bechame ngaphandle okwenza lowo mchamo ugcine usugeleza uyongena ekhishini lami. Siyagula futhi kuze kuphoqeleke ukuthi sisebenze sifake isifonyo.
“Sesibekezele kwanele, asisazi ukuthi yini ekumele siyenze njengoba umasipala usikhokhisa imali yezimvume zokudayisa engu-R1 200 ngonyaka. Silahlekelwa amakhasimende ayinqwaba ngenxa yephunga elingabekezeleleki" kusho uNksz Mathunjwa.
UNksz Mandisa Mthethwa naye odayisa ukudla uthe: "Sigcine sesiya ezindlini zangasese eziku-Commercial noma erenki yaKwaMashu. Sibulawa iphunga elinukayo, ukungcola namanzi amnyama agelezayo. Njengoba sisuke sipheka mihla namalanga kumele sihlezi sinoshibhoshi. Sitshelwa ukuthi izindlu zangasese zifile, kuqhume amapayipi, yingakho evaliwe," kusho uNksz Mthethwa.
UMnuz Sthembiso Mkhize ophethe abadaysi kuyo le ndawo uthe babhekene nenkiyankiya njengoba bengabadayisi.
"Abantu abebethenga kabasezi. Uma sithola, sizwa kuthiwa umasipala akamuholelile umqashi oqashe labo abahlanza izindlu zangasese. Abantu baxakekile, abathengi abasasondeli ngoba kunuka umchamo nendle," kusho uMkhize.
Uthe umasipala waletha omahamba nendlwana bamathoyilethi kodwa babanqaba ngoba bayanuka futhi nendawo abebezowubeka kuyo iyabheda ngoba bebezowubeka lapho kusebenzela khona abantu. Uthe ngeke ubeke phambi komsebenzi womuntu indle, bacela ukuthi bawabuyisele kwenye indawo ngoba awakwazi ukusebenza kule ndawo.
UMnuz Siyabonga Mkhize osebenza erenki yamatekisi aseSydenham yena uthe njengoba lezi zindlu zangasese zingaphansi kwerenki yaseSydenham, uMasipala weTheku ubungasazikhokheli izikhulu okuphoqeleke ukuthi bezivale izindlu zangasese. Uthe akusebenzeki ngendlela futhi bayacela uhulumeni angenelele.
Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Mduduzi Ncalane, uthe ukuvalwa kwamathoyilethi kungenxa yenkontileka nomhlinzeki obekumele benze umsebenzi.
“Njengesinyathelo sesikhashana, izindawo zangasese ezingomahamba nendlwana zihlinzekiwe ukuze zisize labo abazisebenzisayo. Umsebenzi wokuhlanza ojulile uhleliwe ukubhekana nephunga elingahlanzekile elibangelwa abantu abachamela odongeni. Umasipala uyaxolisa kakhulu ngokuphazamiseka okudalwe kubasebenzisi abathintekile,” usho kanje.