OWAYENGUNGQONGQOSHE wamaphoyisa uMnuz Nathi Nhleko, uthe akakafuni ukukhuluma ngepolitiki, usafuna ukupholisa ikhanda emuva kokulaxaza i-ANC. UNhleko wesule enhlanganweni ebusayo ngoMsombuluko.
Incwadi kaNhleko esabalale ezinkundleni zokuxhumana ibale abantu ebhekiswe kubona, okukhona kubona uNobhala wesifunda se-ANC iMusa Dladla, uMnuz Madanga Xulu. Kukhona negama likaNobhala wesifundazwe uMnuz Bheki Mtolo, wuNobhala-Jikelele kaKhongolose uMnuz Fikile Mbalula noMengameli Cyril Ramaphosa.
UNhleko uthe kwamkhuba kakhulu ukuthi uMbalula amqambele amanga. UMbalula wacashunwa ethi i-ANC yaqamba amanga ngodaba lomuzi wowayengumengameli uJacob Zuma oseNkandla.
UMbalula waveza ukuthi uNhleko wayekha izithukuthuku ejuluka ePhalamende ezama ukuphesha ngamanga, lubhokile udaba lwaseNkandla. UNhleko waphendula wabiza uMbalula ngonontandakubukwa ethi ukhuluma into engekho.
UNhleko encwadini uthe uyasola ukuthi kukhona abaholi be-ANC abangaphathekanga kahle ngombiko wakhe ngeNkandla ngoba wakhishwa inyumbazana kusukela lapho. Uthe akabange esajutshwa ndawo ngokwezikhundla kuze kube manje.
Ebuzwa ngekusasa lakhe nokushiya kwakhe i-ANC, uthe usacela ukunikwa isikhathi nje angasho lutho.
“ Ngisathe ake ngiziphathe kahle maqondana nesimo esikhona okwamanje. Ngicela sithintane ngoLwesihlanu,’’ kusho uNhleko. Emuva kwalokho uphinde wayishayela intatheli ucingo kodwa wathi lushayeke ngephutha waxolisa wathi uzobuya ayithinte intatheli.
Ebuzwa ngabamyamanisa neqembu elisha uMkhonto weSizwe, uNhleko akayiphendulanga nhlobo leyo. Isishoshovu se-ANC esake saba wumengameli weSASCO uMnuz Ntuthuko Makhombothi sibhale kuX ukuthi uNhleko uya kuMkhonto weSizwe.
UMakhombothi uthe uNhleko waputshuza inkulumo yakhe eqoshiwe ngamabomu ukuvuselela igama lakhe ukuze afike kwiMK njengosondonzima.