UYATHUTHUMELA umphakathi waseMpumelelweni eNquthu ngesenzo sowesilisa okuthiwa ubulale ngesihluku umzukulu wakhe ononyaka, ngokumsacaza phansi nasodongeni ngekhanda kubuka unina, ngaphambi kokuthi amhlinze aphanyeke amathumbu ophahleni lwendlu.
Impilo kaSinakhokhonke Zulu (1) iphele ezandleni zikayisemkhulu ona-33, okuthiwa uwumlutha wezidakamizwa, esigamekweni esenzeke ngoLwesibili ebusuku.
Umsolwa uboshiwe, kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNquthu namhlanje ngesenzo esishiye amalungu omphakathi ebambe ongezansi.
Unina kaSinakhokonke, u-Anele Zulu (18) ofunda uGrade 12 eMgazi High eNquthu, elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uthe uninalume (umsolwa) ufike kuhwalala ebheje amehlo ebomvu, esabeka futhi kucaca ukuthi uwudlame.
“Ujwayele ukuhamba ekuseni eyobhema izidakamizwa nabangani bakhe abuye ntambama. Ngokwejwayelekile ubefike alwe nami nogogo njengoba besihlala naye nengane yami, sibane kuphela ekhaya. Kodwa ngoLwesibili bekudlulele kungathi uyahlanya.
Sibaleke sayozivalela ekamelweni nogogo nengane yami, safonela esibhedlela ngoba besikholwa wukuthi uphambanelwe yingqondo, sisaba ukuthi uzosilimaza,” usho kanje.
Uthe kufike i-ambulensi iphelezelwa yiveni yamaphoyisa, okuthe uma eyibona wabajikijela ngamatshe elwa nabo, wabuya wazokhahlela isicabha sekamelo abebezivalele kulo, wangena ngaphakathi waqala ukubashaya ebasola ngokumbizela i-ambulensi.
“Uqale ngami wangishaya, wabuya wagqema ugogo ingozi ekhanda wamhlwithwa ingane, waqala wayishaya phansi ngekhanda, wabuya wayishaya odongeni, wathatha ipani wayiqedela ngalo sibuka. Siphume sabaleka ngesikhathi amaphoyisa ezama ukungena. Ubulale i-globe yokukhanyisa kwaba mnyama endlini, eselwa nanoma wubani ongena endlini esephenduke isilwane,” usho kanje.
Uthe lesi simo simphazamise kakhulu njengoba futhi wenza uGrade 12, akazi ukuthi uzomelana kanjani nezifundo kwazise kuqalile ukubhalwa kwezivivinyo zangoMashi.
Uthe okubuhlungu wukuthi nangonyaka odlule kwadingeka ukuthi ashiye phansi isikole ephasele leli banga emva kokubeletha.
Ilungu lomphakathi elizibonele kwenze isigameko kodwa elingathandanga ukudalulwa, lithe kusize ukufika kwamanye amaphoyisa ngoba ubesehlula ngisho kuphonswa i- teargas endlini engaphumi.
“Angikwazi engikubone lapha, ngiyakuqala. Ngesikhathi ephuma, igazi lengane beligcwele emlonyeni kungathi ubeliphuza, amathumbu ewaphanyeke phezulu ophahleni lwendlu,” kusho owasemphakathini.
Uthe kunesakhiwo esingamathoyilethi esidala okubhenywa kuso izidakamizwa, osekunesikhathi benxenxa umasipala ukuthi asidilize.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sakhile Masimula lithe ngesikhathi lifika, umphakathi ubusugcwele kulo muzi, uzama ukumkhipha umsolwa ujikijela ngaphakathi, kwafa amawindi ngoba ubengaphakathi ehlomile, kungelula ukungena khona.
“Sisishaqise kakhulu lesi sigameko esinesihluku esingaka. Sizosondela emndenini, sibone ukuthi siwulekelela kanjani kulesi sikhathi esinzima,”usho kanje.
Umthombo weSolezwe osondelene namaphoyiseni aseNquthu, uthe umsolwa usebuyelwe yingqondo, uyaxolisa futhi uveza ukuthi ingane uyinhlinze ngebhodlela.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlaba Memela usigxekile lesi senzo, waqinisekisa ukuthi uNgqongqoshe woMnyango uNkk Nonhlanhla Khoza usethumele obezenhlalakahle ukuthi balekelele umndeni nangosizo lokwelulekwa ngengqondo.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe umsolwa ubekwe icala lokubulala, elokushaya ngenhloso yokulimaza nelokucekela phansi impahla.