USESABISE ngokuthi udaba lokusolwa ngokuthi ugweve nemali okuthiwa uyikweleta usomabhzinisi osafufusa, seluzokwenganyelwa ngabameli bakhe, uKini Shandu, okuthiwa unqaba ukukhokhela lo somabhizinisi uR7000.
UKini ongumsunguli womcimbi wezindondo, iSebenza Women Awards, uphinde wesabisa nangokuvulela Isolezwe icala ngokubika ngalolu daba.
UKini owayengumsakazi weGagasi FM, usolwa nguSphiwe Gumbi ngokugweva noR7000, athi umkweleta wona emva kokumenzela umsebenzi wokufaka amalebuli ewayini elasetshenziswa emcimbini kaKini wezindondo owawu ngoAgasti.
“Ngisamile kwelokuthi asikaze sivumelane ngesamba okwakumele sikhokhelane sona, kunalokho ngangimsiza nje ngoba wayefike kimi ezofuna ithuba lokuveza umsebenzi wakhe. Yonke le nto yalolu daba idicilela phansi isithunzi sami.
“Sengivele ngiqalile ukuthatha izinyathelo zomthetho. Kade ngihlangene nommeli wami ngoMgqibelo, ngizovula icala - ngivulele nephephandaba Isolezwe uqobo ngoba le nto eniyenzayo ibulala igama lami engilisebenzele kanzima,” kusho uKini.
Uphinde wagcizelela ukuthi lesi simo abhekene naso siyisifundo sokuthi angaphinde asize muntu ngoba abanye abantu basebenzisa kabi ukuba nomusa kwakhe ngokudicilela phansi igama lakhe.
USphiwe waseMlaza, wenkampani i-Amalethwa Holdings, ethintwa ngalolu daba, uthe usethathe isinqumo sokuvimba uKini ukukwazi ukuxhumana naye ngeWhatsApp.
“Lokho ngikwenze ngoba ubesengisabisa ngokungivulela icala lokumehlisa isithunzi nokufafaza amanga ngaye ebantwini, ngakho ngibone kungcono ukuthi ngingaxhumani naye ukuze kungabi bikho lutho azokusebenzisa ukungicindezela.
“Into engifuna ukuyisho nokho wukuthi angizukuyiyeka kanje le ndaba ngingakayitholi imali yami. “Ngizomkalela amasonto amabili okuzothi uma ephela engangikhokhele, ngiqhubekele phambili nezinyathelo zomthetho. Sesiyohlangana enkantolo,” kusho uSphiwe.
USphiwe uthe sekumcacele ukuthi icala alivule enkantolo eMlaza kalimsebenzeli njengoba namanje uKini enqaba ukuyosayina enkantolo ukuthi uyasazi lesi sikwetetu.
Isolezwe lixoxe noMnuz Nkanyiso Ngqulunga, isazi somthetho esizinze eGoli - ukuzwa ukuthi uthini umthetho ngesimo esifana nalesi.
UNgqulunga uthe uma kungekho isivumelwano esibhalwe phansi, izingxoxo zeWhatsApp, zalaba bobabili, zingaba wubufakazi obubambekayo.
“Into engaze isize uSphiwe wukuthi aye eNkantolo yamaCala amaNcane (iSmall Claims Court), ayocela ukwenzelwa amasamanisi kumabhalane wasenkantolo.
“Lokho kungasiza ngokuthi kuthunyelwe isikhonzi senkantolo esizofuna uKini size simthole, ukumphoqa ukubuyisa imali asolwa ngokugweva nayo.
“Nokho izimo ezifana nalesi ziyisifundo sokuthi kakufanele abantu benze izivumelwano zokusebenzisana ngomlomo kuphela, kungekho lutho okubhalwe phansi kwasayinwa njengobufakazi,” kucebisa uNgqulunga.