LUZOGUJWA ezindaweni ezehlukene uSuku lwamaLungelo Abantu kusasa njengoba nomengameli wezwe ezobe esezinkundleni zemidlalo, iDe Aar, eNorthern Cape.
Kulo mgubho uMengameli Cyril Ramaphosa, uzothula inkulumo yosuku.
Ngalolu suku kusuke kukhunjulwa izehlakalo zokubulawa kwabantu eSharpeville naseLanga kanjalo namamashi ahlukene enzeka ngalolu suku ngoMashi 1960.
ESharpeville kwashona abantu abangu-69, kwalimala abangu-180, ngesikhathi bebhikishela ukungahambisani nokuphathwa kwamapasi.
Esehlakalweni saseLanga esenzeka ngoMashi 21, 1985, ababhikishi babekhumbula isehlakalo sokubulawa kwabantu eSharpeville, njengoba kwakugujwa iminyaka engu-25 senzeka, bavinjezelwa amaphoyisa afike avulela ngenhlamvu kwashona abantu abangu-35 kwalimala abangu-27.
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uthe abafuni kube nabantu abazosala ngaphandle ukuqinisekisa ukuthi bathola amalungelo abafanele. Uthe kumele kubanjiswane ukuze leli phupho lifezeke.
KwaZulu-Natal uNdunankulu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uzogubha lolu suku kuMasipala waseZululand.
Umgubho uqala namhlanje njengoba ezokhuluma nosomabhizinisi abahlomula ngosizo ezinkundleni zemidlalo, iBilanyoni, eDumbe.Kusasa kuzovakashelwa iziteshi zamaphoyisa ezehlukene kubhekwe isimo sazo, kuphinde kukhulunywe nabalimi okuyibo abajwayele ukuhlukumezeka.
Umengameli wokuqala ngaphansi kukahulumeni wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, wasayina uMthethosisekelo omusha wezwe ngo-1996, eSharpeville.
Wahlonza lolu suku njengeholidi ezweni.Ngalolu suku abantu kuleli banxuswa ukuthi bavikele amalungelo abo, angajivazwa.
Amanye awo athinta ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila, angajoyina noma yiliphi iqembu, angabhikisha, banamalungelo uma beboshiwe, ilungelo lokuya noma yikuphi, ukuba ngaphansi kwezinyunyana emsebenzini, ukuthenga umuzi noma yikuphi, ukukhetha noma iyiphi inkolo, ukuphepha, ukuthola imfundo yamahhala, ukukhuluma noma yiluphi ulimi, ukuthola usizo lwezempilo namanye.