AKAZANGE afune ukuphumela obala uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngesikhathi ebuzwa ukuthi i-ANC izongenelela yini odabeni lwesinqumo senkantolo yoMthethosisekelo, echithe ukudedelwa ngoshwele wokugula kowayengumengameli, uJacob Zuma?
URamaphosa uvele waphela yinsini ngesikhathi ebuzwa, wabe esephendula eminye imibuzo engahlangene nodaba lukaZuma.
Lokhu kwenzeke emcimbini we-ANC wokukhumbula owayeyiphini likanobhala jikelele lenhlangano, uNkk Jessie Duarte, owashona ngonyaka owedlule.
Njengamanje kukhona abantu okubalwa umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, nobuholi beSanco KwaZulu-Natal, abanxenxa uRamaphosa ukuthi anikeze uZuma ushwele kamengameli, uma kungenzeka uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo unquma ukuthi uZuma kufanele abuyiselwe ejele, ayoqedela isigwebo sakhe.
Ngemva komcimbi wokukhumbula uNkk Duarte izolo, eGoli, abezindaba babuze uRamaphosa ukuthi ngabe i-ANC izongenela yini kulolu daba?
“Inhloboni ke le yombuzo?” kubuza uRamaphosa efa yinsini.
Ekhuluma ngoNkk Duarte, uRamaphosa uthe ubeyisibonelo esihle ebantwini abaningi.
Uphawule kanje uRamaphosa: “Ungumholi obekwazi ukubuyisa ithemba kubantu abaningi. Ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla kugqugquzele abantu besifazane abaningi, ikakhulu abasebencane. Esinye isikhathi usichithe ecija abaholi besilisa abasebasha.
“Ukuba usekhona ubezolwela ukuthi kube nobumbano enhlanganweni. Ubehlale egqugquzela ukuthi siyise phambili inhlangano. Ubekulwela ukuthi i-ANC ikhule. Kungumsebenzi wethu njengabantu abasele ukuthi silwele ukufezekisa umsebenzi awuqalile.”
URamaphosa uthe abaholi be-ANC kufanele beqhubeke nomsebenzi oqalwe uNkk Daurte.
“Kufanele senze isiqiniseko sokuthi siyaqhubeka nokulwela izinto abezilwela. UNkk Duarte ubelwela ukuthi izimpilo zabantu bakuleli zibe ngcono ngakwezomnotho kanye nangokwesimo senhlalo.”
Umengameli weqembu uqhube wathi i-ANC izomangaza abantu abaningi okhethweni lwangonyaka ozayo.
Yize kukhona abaqagula ukuthi kuzokwehla ukwesekwa kwe-ANC kulolu khetho, uRamaphosa uthe bafuna ukuthola amavoti amaningi ukunalawo abawathole okhethweni olwedlule.
“Sizobuya ngamandla. Akufanele silwele kuphela ukubuyela emandleni kepha kufanele silwele ukuthi sibuye ngamandla futhi sithole izihlalo eziningi ukunalezi esinazo njengamanje. Nginesiqiniseko sokuthi lokhu kuzokwenzeka.”
Izolo bekuphela unyaka kwashona uNkk Duarte, abaholi be-ANC kanye nomndeni wakhe babeke izimbali ethuneni lakhe.