UMENGAMELI uMnuz Cyril Ramaphosa uthi uzofaka isicelo sokwedlulisa isinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli, sokuchitha isinqumo sakhe sokunika iSilo uMisuzulu kaZwelithini isitifiketi. URamaphosa wanika iSilo isitifiketi phambi kwezindimbane zabantu enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini ngo-Okthoba 2022.
IJaji uNorman Davis ngoLwesibili, likhiphe isinqumo lithi uRamaphosa akalandelanga imigudu efanele ekhipha isitifiketi. UMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, wendlu yaseKhwezi wuyena obefake udaba enkantolo ekhala ngokuthi isinqumo sikaRamaphosa asikho emthethweni.
Umbango wesihlalo seNgonyama waqala emuva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu, ngoMashi 2021, emuva kokudunguzela. Kwabekwa ibamba uNdlunkulu Mantfombi MaDlamini Zulu naye owakhothama walandela iSilo eduze.
Ijaji liyalele uRamaphosa ukuthi asungule ikomiti elizocubungula kahle udaba bese kuqhutshekwa nomsebezi. Nakuba kunjalo kodwa ijaji lithe ukuthi wubani okufanele abe yiSilo akukhona okwalo ngoba kwabangwa kwaphela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
URamaphosa kusazofanele afake isicelo sokwedlulisa udaba semukelwe noma sichithwe bese kuyima kuqhutshekelwa phambili.
Okhulumela iHhovisi likaMengameli, uMnuz Vincent Magwenya, uthe umengameli usibonile isinqumo senkantolo wasicubungula kabanzi.
“Uthe uma esibheka isinqumo umengameli wanquma ukuthi afake isicelo sokusedlulisa. Nakuba udaba lusaqhubeka kanjalo kodwa akushintshe lutho iSilo sona sisabusa,’’ kusho uMagwenya.
UMagwenya uthe uRamaphosa unxuse kakhulu abasendlunkulu ukuthi babeke phambili ubumbano nenhlalakahle yabantu beSilo ngalesi sikhathi.
Uthe kubalulekile ukuthi kulandelwe umthetho kwenziwe izinto ngendlela ngaphandle kokuthi kukhuphuke imimoya kubantu abathintekayo.
Khonamanjalo: UNobhala wezinduna zamabutho esifundeni iZululand, uMnuz Muzi Nyandeni, uthumele isitatimende egameni lamabutho. UNyandeni uthe bazwile ngesinqumo senkantolo kodwa akufanele kube nokudideka ngoba sikhona iSilo futhi sinye.
“Udaba lweSilo kudala lwaphethwa, lwavalwa mhla omkhulu bekhipha izinkomo ziwela umfula uPhongolo zibheke KwaNgwane (eSwatini). Zaziyolobola uMntanenkosi futhi kwakuyisiqalo leso sokuthi isizwe sizalandele umama waso ozosizalela ingonyama,’’ kusho isitatimende.
Amabutho athe iSilo asikaze sikhethwe yizinkantolo noma wuhulumeni kodwa sakhethwa ngokuzalwa kwaso.