IHHOVISI likamengameli likwamukele ukuphothulwa kophenyo lweBhange loMbuso (SARB) ngePhala Phala nemiphumela yalo.
Lokhu kulandela umbiko okhishwe nguMnuz Lesetja Kganyago kwi-website yebhange ngoMsombuluko ekuseni.
Lo mbiko uthi uRamaphosa akawuphulanga umthetho we-Exchange Control Regulations.
"Ngokwamaqiniso abekiwe iSARB ithole ukuthi akubanga khona ukushintshana okuphelelisiwe ngakho-ke "ngeke iphethe" ngokuthi iNtaba Nyoni Estates noma uMengameli Cyril Ramaphosa wephule imithetho yokulawula ukuhwebelana embikweni wayo ngodaba lwePhala Phala,“ kusho umbiko.
Thola udaba oluphele ephephandabeni lakusasa.