UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uzibophezele ekufezekiseni iphupho likaNdunankulu kaZulu okhotheme, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, lokubuyisana kwe-ANC ne-IFP.
URamaphosa uthe kubalulekile ukuthi la maqembu abuyisane ukuze kuzokuba nokuthula ezweni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo enkonzweni yokuphelezela uButhelezi, ebisenkundleni yezemidlalo iPrince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium, oLundi.
"Kufanele sikubeke eceleni ukungaboni ngaso linye lapha KwaZulu-Natal nakwezinye izingxenye zezwe, sifeze isifiso sikaShenge."
URamaphosa uncome isenzo sikaButhelezi sokuvuma ukungenela ukhetho lwango-1994, wathi lesi senzo savimba ukuqubuka kodlame.
Ngaleso sikhathi i-IFP yayisabisa ngokungalungeneli ukhetho ngoba ikhala ngokuthi alicaci iqhaza elizobanjwa yiSilo samaZulu ngaphansi koMbuso wentando yeningi.
"UShenge wavuma ukungenela ukhetho ngoba nakhu engafuni kube nodlame. Ngaleso sikhathi kwacishe kwaba nesibhicongo."
URamaphosa uphinde wancoma igalelo likaButhelezi ekulweleni abaholi bendabuko.
"UButhelezi akagcinanga nje ngokulwela ubukhosi bukaZulu kodwa ubebuhlonipha bonke ubukhosi obukhona."
Umengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe bazoqhubeka nezingxoxo zokubuyisana ne-ANC.
"UMntwana uzame kwaze kwaba izinsuku zakhe zokugcina ukuba kube nokubuyisana. Lokho akuzange kwenzeka kwaze kwaba uyahamba."
UHlabisa uthe uButhelezi ubekwazi ukugcina i-IFP iyimbumba.
Inkonzo yokuphelezela uButhelezi ibihanjelwe yizinkumbi zabantu.
Inkundla ibigcwele phama.
Inkonzo ibihanjelwe abaholi abanohlonze okubalwa kubo osopolitiki nosomabhizinisi.