UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usethembise ukuthi bazobhekana ngqo nosomabhizinisi abaphazamisa ukwakhiwa kwezikole, amabhuloho nezindlu kuleli.
URamaphosa uthe labo somabhizinisi bahlasela ezindaweni ezehlukene, bafike bafune ingxenye engu-30% ukuze bahambe.
“Kunethimba elisemaphoyiseni elibhekene ngqo nale nkinga kubalwa neyoZama Zama, abamba igolide ngokungemthetho. Maduzane kuzobonakala umnyakazo ngoba sikhathazekile ngobugebengu obenzeka kuleli,” kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba izolo, eGauteng, njengoba bekuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC.
Ne-ANC iyibhunge kabanzi eyalabo somabhizinisi yathi kumele kwenziwe okuthile ngabo.
Sekukhalwe kakhulu ngalabo somabhizinisi abadlange kakhulu KwaZulu-Natal, abamisa nse ukwakhiwa ngoba befuna ukukhokhelwa ngomsebenzi abangawenzanga.
URamaphosa uthe indaba yokucishwa kukagesi, ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini nezinye izinto eziningi kubhungwe ngazo emhlanganweni wale nhlangano.
Uthe kudingeka kuqiniswe ukusebenza kwama-Community Police Forums emphakathini ehlukene ukulwa nobugebengu.
Mayelana nendaba yomhlangano wamazwe angaphansi kweBrics nengqungquthela ezobanjelwa kuleli yala mazwe, uthe uzokhuluma kabanzi ngayo maduzane ngoba ufuna ukuchazela umphakathi ngokubakuleka kwalo mhlangano.
Uthe le ngqungquthela izoqhubeka nakanjani ngeke kusetshenziswe uhlelo lwezokuxhumana kuyona.