UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, unxuse ubumbano phakathi kwe-ANC neCosatu emva kokuthwaliswa kanzima abebehambele umgubho woSuku lwabaSebenzi.
URamaphosa unxuse amalungu e-ANC naweCosatu ukuthi ahlale phansi asombulule izinkinga zawo emva kokuba ehhewulwe ngabantu abebefake izikibha zenyunyana engaphansi kweCosatu, iNehawu.
Iqeqebana lamalungu eNehawu belingafuni ukuthi uRamaphosa akhulume kulo mcimbi obubanjelwe eFree State, eBethlehem, izolo.
NePhini likaMengameli we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, nalo lithwale kanzima emcimbini wokugubha uSuku lwabaSebenzi obusePitoli.
Umcimbi ubambezelekile njengoba amalungu eCosatu abengafuni ukumnikeza ithuba lokuthi akhulume.
URamaphosa noMashatile bagcine bekwazile ukwethula izinkulumo zabo.
Ngonyaka owedlule uRamaphosa waphuma ngesamagundwane emcimbini wokugubha uSuku lwabaSebenzi owawuseNorth West, abasebenzi bengafuni ukuthi akhulume.
Ukungaboni ngaso linye phakathi kwe-ANC neCosatu kwasuswa ukushaya ungqimphothwe kukahulumeni wakuleli ukukhuphulela abasebenzi bakahulumeni imiholo njengokwesivumelwano sezingxoxo zango-2020.
Izolo uRamaphosa uthe bayazihlonipha izivumelwano ezenziwa ezingxoxweni zamholo, wathi kufanele kuphele ukungaboni ngaso linye phakathi kwalezi zinhlangano ezingamadlelandawonye.
“Noma ngabe yikuphi ukungaboni ngaso linye esinakho, kufanele sikulungise ngokuthi sixoxe. Ayikho inkinga engeke ixazululeke uma sixoxa. Zonke izinkinga esinazo zizoxazululeka uma sibambisana.”
URamaphosa uthe i-ANC isazibophezele ekusebenzisaneni neCosatu.
“Namhlanje sisami nani. Sisuka kude nani. Ngokubambisana sakwazi ukuqeda ubandlululo. Ngokusebenzisana kwethu singakwazi ukunqoba ububha nokuswelakala kwemisebenzi.”
UMengameli weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, uthe kunesidingo sokuthi i-ANC izizale kabusha, waxwayisa ngokuthi abasebenzi bazophelelwa isineke uma i-ANC iqhubeka nokungenzi kahle.
UNksz Losi uthe abasebenzi bakuleli basabhekene nezinkinga eziningi okubalwa kuzo ukusebenza ngaphansi kwezimo ezingaphephile.
“Isonto nesonto kukhona umsebenzi wasendlini olunywa abulawe yipitbull yomqashi wakhe. Isonto nesonto kukhona umsebenzi wasemayini oshonela emsebenzini. Isonto nesonto kukhona iphoyisa elishonayo KwaMashu ngenxa yobugebengu.”
UNksz Losi uphinde wanxusa uhulumeni ukuba uqhubeke nokuholela isibonelelo sabangasebenzi, wanxusa ukuthi sinyuswe.
Ibithe chithi saka imigubho yoSuku lwabaSebenzi izolo.
KwaZulu-Natal amalungu eCosatu abehlangene eCurries Fountain, eThekwini, umcimbi uhanjelwe yiPhini likaNobhala Jikelele we-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane.
Amalungu eSaftu nawo abehlangene eThekwini, eJesus Dome, emcimbini obuhanjelwe nguNobhala Jikelele wale nhlangano, uMnuz Zwelinzima Vavi.
UVavi ukhale kakhulu ngezinga eliphezulu lokuswelakala kwamathuba emisebenzi.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, yena uhambele izimboni zaseMandeni ezacekelwa phansi ngesikhathi kunezibhelu zokuzitapela.