UMENGAMELI uCyril Ramaphosa, usamile kwelithi azikho izifungo zokuba ngumengameli azephulile ngodaba oluthinta iPhala Phala.
Lokhu kuvezwe okhulumela ihhovisi lakhe izolo, uMnuz Vincent Magwenya.
UMagwenya uqinisekise ukuthi uRamaphosa uzihambise ngeSonto izimpendulo zakhe ethimbeni elaqokwa ukuphenya ngodaba lwasePhala Phala.
“Umengameli uhambise izimpendulo zakhe ngokuyalelwa umthetho u-129g(1)(c)(iii) weNational Assembly ethimbeni elaqokwa ngomthetho u-129d. Izimpendulo zikamengameli zinika isiqiniseko esiphelele ukuthi uzimisele ukubambisana nethimba emsebenzini walo.”
UMagwenya uqhube wathi uRamaphosa ubekubeka kucace kusukela angena ehhovisi ukuthi uzibophezele ekutheni agcine izifungo zakhe zomsebenzi wakhe.
“Umengameli wathembisa ukuthi uzoba yisibonelo ngokuthi ahloniphe uMthethosisekelo, izikhungo ezilawulwa yiwo nenqubomgomo yazo nomthetho,” kusho uMagwenya.
Uqhube wathi: “Umengameli ufuna ukukubeka kucace ukuthi akukho sifungo sehhovisi lakhe asesiphulile. Uyaphika futhi ukuthi kukhona icala analo kulezi zinsolo abekwa zona.”
Ithimba elaqokwa ukuphenya izinsolo ezibhekiswe kuRamaphosa linamalungu amathathu, phakathi kwawo kukhona owayeyinhloko yamajaji, uSandile Ngcobo.
URamaphosa usolwa ngokwephula umthetho ngokungalubiki ezinhlakeni zomthetho udaba lokwebiwa kwezizumbulu zemali yamadola ase-USA okuthiwa athathwa epulazini lakhe, iPhala Phala, ngo-2020.
Ubenikwe kuze kube yiSonto ukuthi ahambise izimpendulo zakhe kuleli thimba mayelana nezinsolo abekwa zona.
Izindaba zokwebiwa kwale mali zivezwe owayengumphathi wezobunhloli, uMnuz Arthur Fraser, kulo nyaka.
Emva kokuvela kwalolu lwazi, uRamaphosa wavuma ukuthi kuyiqiniso ukuthi yantshontshwa imali kodwa waphika ukuthi kukhona okungalungile akwenza ngesigameko. Kusuka lapho akaphumeli obala aphendule imibuzo abuzwa yona ngalolu daba.