UMENGAMELI Cyril Ramaphosa, akaphumelanga obala ebuzwa ngezinyathelo azozithathela uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, osolwa ngenkohlakalo.
URamaphosa akazange anikeze impendulo ecacile ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe uzomkhomba indlela yini uNzimande, obhekene nezinsolo zokukhwabanisa imali yesikhwama esixhasa abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme, i-NSFAS.
Amaqembu ezepolitiki nezinhlangano zabafundi bafuna ukuthi uNzimande ashenxe esikhundleni emva kokuthi inhlangano elwa nenkohlakalo, i-Organisation Undoing Taxi Abuse (Outa), iveze izinsolo zokuthi uNzimande wagwazelwa yizinkampani ezahlomula ngamathenda kwi-NSFAS.
UNzimande usolwa nosihlalo webhodi le-NSFAS, uMnuz Ernest Khosa, enkohlakalweni.
UKhosa unqume ukuthatha ikhefu kuze kube kuphothulwa uphenyo ngazinsolo abhekene nazo.
UNzimande yena watshela abezindaba ukuthi ngeke ashenxe esikhundleni.
Ebuzwa yizintatheli ngalolu daba, uRamaphosa akazange aphumele obala. Ugcizelele ukuthi kufanele kuthathwe izinyathelo.
“Lolu wudaba olukhathazayo, okufanele lusukunyelwe. Ngiyahambisana nokuthi kuthathelwe izinyathelo labo okuzotholakala ukuthi baphule umthetho.”
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nezintatheli emva kokuyohlanganisa amehlo nemindeni yamalungu e-ANC ashona engozini yomgwaqo elubangise emcimbini wokugubha iminyaka engu-112 kwasungulwa i-ANC.
UNzimande usevulelwe icala emaphoyiseni, udaba lwakhe lwabikwa ezinhlakeni uphiko oluphenya amacala enkohlakalo, iSpecial Investigating Unit (SIU), nehhovisi lomvikeli womphakathi.
URamaphosa uthe kuyabakhathaza nokuthi kunenqwaba yabafundi abangakazitholi izibonelelo zabo zangonyaka owedlule.
Ngokusho kwe-NSFAS kunabafundi abangu-20 000 abangazange bazithole izibonelelo zabo zanyakenye.
Laba bafundi babhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka bengazitholile izibonelelo zabo.
Lesi khwama besikade sizibophezele ekukhokheni zonke izibonelelo kuleli ngoMsombuluko kodwa i-NSFAS ayizange ifune ukuphumela obala ngesikhathi ibuzwa ukuthi isithembiso sigcine sifezekile yini.
URamaphosa uthe ufuna ukuba kuphenywe ukuthi kungani lezi zibonelelo zingakhokhwanga ngesikhathi.
“Iyasikhathaza indaba yokungakhokhwa ngesikhathi kwezibonelelo. Udaba lokuxhaswa kwabafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme, lubucayi kakhulu. Yingakho sifuna ukuthi kuphenywe, bese kuthathwa izinyathelo ezifanele.”