UMENGAMELI Cyril Ramaphosa utusa abantu bakuleli abayishaye indiva imibhikisho ebihlelwe ezweni lonke yi-EFF, bakhetha ukuhlala emakhaya.
Noma engazange aligagule ngegama iqembu kodwa uthe noma kukhona abebefuna ukuphoqa abantu bakuleli ukuthi babhikishe, bebasabisa kodwa ukujabulele ukuthi izakhamuzi azizange zibe yingxenye yemibhikisho.
“Bebefuna ukuthi babhikishe ngosuku okumele ngabe bahleli ngalo emakhaya abasebenzi, baphumule. Ngijabule ukuthi abantu abazange balisabele kuleli khwelo kodwa bazihlalele emakhaya basebenzisa ilungelo labo,” kusho uRamaphosa izolo, ngesikhathi kugujwa uSuku lwamaLungelo Abantu eDe Aar, eNorthern Cape.
Le mibhikisho ayibanga nezinkumbi zabantu ebezilindelwe ukuthi zibe yingxenye futhi bekutshalwe amaphoyisa namasosha ukuqapha isimo.
URamaphosa ubekhuluma ngemva kokuba i-EFF imashe ezindaweni ezehlukene ngoMsombuluko, ifuna ehle esikhundleni ngoba ikhala ngezinto eziningi okubalwa nokucishwa kukagesi kuleli.
Umengameli uthe lubalulekile uSuku lwamaLungelo Abantu ngoba yilapho kugujwa khona ibanga elihanjiwe ukubumba izwe elibuswa ngentando yeningi.
Uvumile ukuthi kusenezinkinga kwezempilo kuleli kodwa wathi umshwalense iNational Health Insurance, uzokwenza kube nokulingana.
“Ukuqala kwalo mshwalense kuzokwenza wonke umuntu athole usizo lwezempilo olusezingeni. Siyaluphucula usizo esilunika umphakathi emitholampilo yethu,” kubeka umengameli.
Uthembise abantu ukuthi bazoqhubeka bathole usizo olubafanele. Wathi abantu banelungelo lokuthola izindlu, amanzi, ezempilo, imfundo esezingeni, ukuvikelwa, amanzi nezinye izidingo.
“Babalelwa ku-2 million abantu abahlwempu abathola amanzi amahhala nogesi. Noma kunjalo kodwa baningi abangazitholi lezi zidingo. Abantu abaningi basahlala emijondolo, awekho kahle amanzi kanjalo nezindlu.”
Uthe kunezinhlelo zokusheshisa ukuhanjiswa kwamanzi emiphakathini ehlukene.
Uvumile ukuthi omasipala abaningi bayahluleka ukuhlinzeka izidingo zamanzi, izindlu nezinye emiphakathini ngenxa yokuthi kwabanye abekho abanamava okwenza lo msebenzi.
“Abantu abevile ku-18 million manje bathola izibonelelo kuhulumeni. Ngo-1999 babengaphezudlwana kuka-2.5 million ababethola lezi zibonelelo.”
Uthe elakuleli linabantu abaningi abafundayo, wakhala ngesibalo sabafundi abashiya phakathi ukufunda bengafikile kwa-matric. Ubalule nokuthi bangaphezu kuka-770 000 abafundiswa yisikhwama iNSFAS, ezikhungweni zemfundo kuleli.
“Kulo nyaka sihlela ukuphothula uhlelo oluthinta ukuxhaswa kwezitshudeni ezizalwa ngabantu abahola imali engaphezu kweyisikalo esibekwe yiNSFAS. Emasontweni edlule sibone ezinye izitshudeni zibhikisha zikhala ngezinto ezithinta izindawo zokuhlala ezikhungweni zemfundo kanjalo nemali yokuphila.”
Ukhale ngobugebengu wathi buphikisana nelungelo lokuthi umuntu kumele aphephe.
Uncome imiphakathi ebumbanayo ilwe nobugebengu isebenzisana namaphoyisa.
Amanye amaqembu okuyiPAC ne-Action SA, agubhe lolu suku eSharpeville, lapho kwashona khona abantu abangu-69 ababulawa amaphoyisa ombuso wobandlululo ngo-1960, ngesikhathi bebhikishela ukuphathwa kwamapasi. Kulo mbhikisho kwalimala abangu-180. Amaqembu athe kumele abantu bakuleli bakhiphe i-ANC emandleni, okhethweni lwangonyaka ozayo lukazwelonke.
KwaZulu-Natal lolu suku lugujwe ezinkundleni zemidlalo eSolomuzi, eMondlo, ngaphansi kaMasipala Abaqulusi.