UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uncome iqhaza elabanjwa yiSilo sasoSuthu, uDinuzulu kaCetshwayo, ngesikhathi kuliwa nengcindezelo.
URamaphosa uthe uMamonga walwela wonke umuntu waseNingizimu Afrika, ngesikhathi kulwelwa inkululeko.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yokukhumbula uDinuzulu, ebikwaCeza ngoMgqibelo.
“Yize iSilo uDinuzulu wayelwa elapha KwaZulu-Natal, wayelwela wonke umuntu. Wasilwela sonke singabantu baseNingizimu Afrika. Ngalesikhathi zonke izizwe zathatha izikhali, zalwa nabamhlophe. Yingakho uma sikhumbula iSilo uDinuzulu sikhumbula namanye amakhosi alwa nokugcindezelwa kwabantu abamnyama.”
URamaphosa uthe uMamonga waziqhatha nolaka lwabamhlophe ngesikhathi elwa nengcindezelo njengoba wagcina edingiselwa esiqhingini iSt Helena, iminyaka eyisikhombisa.
ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sibonge uhulumeni waKwaZulu-Natal ngokuhlela umcimbi wokukhumbula uMamonga.
Umcimbi ubuhanjelwe ngabaholi bezepolitiki abaqavile, okubalwa kubo ababengondunankulu baKwaZulu-Natal, uMnuz Sibusiso Ndebele, noDkt Zweli Mkhize, nomengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa.