UZOHLONISHWE ngomngcwabo woMbuso owayeyiphini likangqongqoshe wezangaphandle, uMnuz Aziz Pahad oshone kuleli sonto eneminyaka engu-82. Ulandele eduze umfowabo uMnuz Essop Pahad, obesanda kushona ezinyangeni ezimbili ezedlule.
UPahad unconywa ngabaningi ngeqhaza lakhe empini yokuqeda ubandlululo kuleli nangokusebenza kuhulumeni ngokuzikhandla nokuzinikela.
Wajoyina umzabalazo esemncane eyingxenye yeTransvaal Indian Congress, waya ekudingisweni waze wabuya ngesikhathi izinhlangano sezivulwe umlomo kuleli.
UPahad ushone esemzini wakhe eGoli lapho ebezungezwe khona wumdeni wakhe. IHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa limemezele ukuthi uPahad uzohlonishwa ngomngcwabo woMbuso okhethekile osezingeni lesibili.
Kulindeleke ukuthi angcwatshwe ngoMgqibelo njengoba kuyimpelasonto. URamaphosa phakathi nesonto ukhiphe isitatimende ekhala ngokudlula kukaPahad, amchaze njengendoda elisebenzele izwe.
UPahad wasebenza ngesikhathi sikaMnuz Nelson Mandela nakuMnuz Thabo Mbeki, waze wesula esikhundleni ngesikhathi i-ANC ixosha uMbeki esikhundleni. Ube yingxenye yesigungu esiphezulu se-ANC isikhathi eside.
UPahad uthathwa njengenye yezingwevu ze-ANC ebese zisele kwezasebenzela izwe kudala ngezikhathi zobunzima. Kulindeleke ukuthi mngcwabo wakhe uhanjelwe yizikhulu ezehlukene zikahulumeni nenhlangano yakhe i-ANC