Umengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe bamunyunga ukushaya umthetho ozophoqa izinkampani ukuba ziqashe intsha ebhuquza neziqu.
URamaphosa uthe bafuna kuphele ukubhuquza kwentsha efundile.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nentsha ehlomule ngenxa yemithetho eshaywe wuhulumeni ophethwe i-ANC, ngoLwesine.
Kulo mcimbi obuseMpumalanga, uRamaphosa uhlangane nentsha egogode ezikhungweni zemfundo ephakeme emva kokuthola imifundaze eminyangweni kahulumeni wakuleli.
Abanye balaba abahlangane noRamaphosa bafunde emazweni aphesheya.
URamaphosa uzwe ukuthi iningi labo libhuquza emakhaya yize liphethe iziqu emikhakheni okuthiwa kuyashoda kuyo, efana nobudokotela nobunjiniyela.
URamaphosa uthe uhulumeni uzoqhamuka nezinhlelo ezizokwenza ukuthi intsha eneziqu ingabe isabhuquza.
“Kubuhlungu futhi kuyasikhathaza ukuthi inqwaba yenu ayisebenzi yize seniphothule izifundo zenu. Lena inselelo enkulu kuthina njengohulumeni. Sizoyixazulula le nkinga ngokuthi siqhamuke nohlelo lokuthi kungabi khona intsha ebhuquza neziqu.”
URamaphosa uthe impumelelo yalolu hlelo izoncika ekutheni ikhona yini imali.
“Okunye okuzolekelela ukuba sibambisane nezinkampani ezizimele. Izinkampani ezizimele izona eziqashe abantu abaningi. Kufanele sibambisane nazo ukuze sishaye imithetho ezophoqa ukuthi ziqashe intsha eneziqu. Asifuni ukuthi intsha ihlale emakhaya neziqu. Lapha sinodokotela abaneziqu kodwa abasebenzi. Sinonjiniyela abangasebenzi. Lena inselelo enkulu. Sifuna ukuyilungisa ngokushesha.”
URamaphosa uthe angeke bayishiye ngaphandle nentsha engenazo iziqu.
“Sifuna ukubhekana nodaba lokungasebenzi kwentsha. Zikhona izinhlelo esesiziqalile, lapho sikhuthaza khona izinkampani ukuba ziqashe intsha. Lezi zinhlelo seziqalile ukuthela izithelo ezinhle.”
UMengameli we-ANCYL, uMnuz Collen Malatji, uthe intsha ebhuquza emakhaya ingaba isisombululo ezinkingeni ezibhekene nezwe.
“Kuyasikhathaza ukuzwa ukuthi kunonjiniyela abangasebenzi kodwa kunezinkinga eziningi e-Eskom. Satshelwa ukuthi i-Eskom kunonjiniyela abaningi abashiyayo. Ngapha kunenqwaba yonjiniyela abangasebenzi. Thina singakunika onjiniyela abangasombulula izinkinga ezibhekene ne-Eskom.
“Angeke sitshelwe ukuthi kushoda odokotela ezibhedlela nasemitholampilo ekubeni kunenqwaba yentsha ebhuquza neziqu. Mengameli, intsha ilangazelele imisebenzi. Sicela uxoshe bonke abantu abahonqayo emisebenzini, bese uqasha intsha.”
I-ANC iyaqhubeka nokuhlangana nezinhlaka ezahlukene njengoba ilungiselela umcimbi wokugubha iminyaka engu-112 kwasungulwa le nhlangano ozokuba ngoMgqibelo.
Ngaphambi kokuhlangana netsha, uRamaphosa uhlangane nosomabhizinisi.
Uphethe usuku lwakhe ngokwethula inkulumo esifundweni ngempilo yomholi we-ANCYL ongasekho, uMnuz Peter Mokaba.