UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uveze ukuthi elakuleli selifake isicelo sokuba inkantolo yamazwe omhlaba iphenye i-Israel njengoba kuqhubeka impi eGaza.
URamaphosa uthe ufuna inkantolo yamacala amazwe omhlaba iphenye iqhaza elibanjwe i-Israel kule mpi esidlule nezinkulungwane zemiphefumulo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ohambweni lwakhe lwezinsuku ezimbili lwaseQatar.
Kusukela kwaqala impi ephakathi kwe-Israel neHamas, bangaphezu kuka-11 000 abantu okubikwa ukuthi bashonile.
URamaphosa uthe abombutho wezempi wase-Israel sebephendule iGaza indawo yokuvalela abantu basePalestine.
“Sikubeke kwacaca ukuthi asihambisani nale nto eqhubeka eGaza, ikakhulukazi manje njengoba sekuhlaselwa izibhedlela. Abesifazane, izingane nabalimele bafisa okwezimpukane. Abantu abangenacala babulawa ubuthaphuthaphu, imithetho ayisalandelwa. Kubulawa izingane ezincane. Cishe uhhafu wala bantu abangu-11 000 ababulewe izingane ezingazi lutho.”
URamaphosa unxuse amanye amazwe omhlaba ukuba aseke iPalestine.
“NjengeNingizumu Afrika sikubone kubalulekile ukuba sicele inkantolo yamacala amazwe omhlaba ukuba iphenye lolu daba. Sikholelwa ekutheni maningi amacala enziwayo kule mpi. Iqiniso ukuthi asihambisani nezenzo zeHamas kodwa futhi asihambisani nalokhu osekwenzeka manje.
“Kunesidingo sokuba umhlaba wonke usukume, kutshelwe i-Israel ukuba ibeke phansi izikhali. Kufanele kuvinjwe le nto eyenzeka eGaza. Inkantolo yamacala amazwe omhlaba kufanele iphenye. Kufanele kuthathwe izinyathelo zomthetho ezifanele.”
I-ANC isincomile isinqumo sikaRamaphosa.
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe okubajabulisayo ukuthi isicelo seNingizimu Afrika sesekwa nangamanye amazwe.
Uthe bayaseseka isiphakamiso sokuba kuvalwe izindlu zenxusa lase-Israel kuleli. Lesi phakamiso sifakwe i-EFF.
Elakuleli livele selalihoxisa inxusa lalo e-Israel.