UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, usikaze ukuthi ingase iphenduleke kusasa imithandazo yezaguga ezifuna ukukhushulelwa imali yesibonelelo ngenxa yokubiza kokudla.
URamaphosa uthe uzokhuluma noNgqongqoshe wezeZimali, uMnuz Enoch Godongwana, ukuba akhuphulele izaguga impesheni uma esethula isabelomali, ePhalamende.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nezinkumbi zamalungu e-ANC, eNanda.
URamaphosa uthe izaguga eziningi ahlangana nazo zihlezi zimkhalela ngokuthi azisakwazi ukuhlangabezana nezidingo zazo ngenxa yokubiza kokudla.
Uthe naye uyavumelana nokuthi kufanele ikhushulwe le mali.
“Ngiyathemba ukuthi njengoba uGodongwana ezokwethula isabelomali ngoLwesithathu, uzoyikhuphula le mali. Ngizombona namhlanje, ngizomtshela ukuthi akabone ukuthi ngeke akwazi yini ukukhuphula le mpesheni.
URamaphosa utshele izinkumbi zamalungu e-ANC ebezihlangene enkundleni iJohn Langalibalele Dube ukuthi i-ANC iyona eyaqala ukukhokha nyanga zonke isibonelelo sezaguga.
“Sathi uma singena emandleni u(Mnuz Nelson) Mandela ezwa ukuthi ogogo bahola kanye emva kwezinyanga ezimbili, futhi babethola imali encane kuneyayitholwa abelungu. UMandela wathi ogogo abahole nyanga zonke, futhi bahola oR2 000.”
URamaphosa uthe akakungabazi ukuthi abantu bakuleli bazonika i-ANC elinye ithuba lokuthi iphathe khona izoqhubeka nokuthuthukisa abantu bakuleli.
“Abantu basafuna ukuthi i-ANC iqhubeke nokuphatha ngoba bayayibona imisebenzi emihle esiyenzayo. Ngisho nalabo abangayifuni i-ANC, kodwa bayiyincoma imisebenzi emihle esiyenzayo. I-ANC yenze izinto eziningi. Abantu bakithi baphila kangcono kakhulu manje. Sisazoqhubeka nokushintsha impilo yabantu.
“I-ANC izophatha bethanda bengathandi. Ithina esizophatha lapha KwaZulu-Natal, kuzwelonke, nakuzo zonke izifundazwe zakuleli. NaseWestern Cape, lapho kuphethe khona iDA, siyeza. AbeDA abaqoqe konke okungokwabo.”
URamaphosa uthe umkhankaso wokhetho ozoqala uzokuba nzima kakhulu kwi-ANC.
“Okwamanje sisazifudumeza. Uma sekumenyezelwe usuku lokhetho, kulapho sizoqala ngempela ukukhankasela ukhetho.
I-ANC izokwethula umqulu wezethembiso ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium.
URamaphosa uthe umqulu wabo unamaphuzu aqinile.
“Nabo laba abangasifuni bazovele bathuke uma sebebona amaphuzu esiwaphethe.”