UMengameli Cyril Ramaphosa ayimqwashisi eyokuthi kungase kwenzeke elakuleli linswinywe kwezomnotho noma lihlaselwe izikhondlakhondla zamazwe njengoba livulele elakwa-Israel icala.
URamaphosa uvikele isinqumo sakuleli sokumangalela elakwa-Israel eNkantolo yamaCala aMazwe oMhlaba, wathi akanendaba nokuthi lesi nqumo singase sicasule amazwe ayizikhondlakhondla kwezomnotho.
Elakwa-Israel lidlelana namazwe ayizikhondlakhondla kwezomnotho.
Izwe elidlelana nelakwa-Israel, iMelika, livele seliphumele obala lagxeka isinqumo seNingizimu Afrika.
INingizimu Afrika imangalele i-Israel ngamacala okufa kwezinkulungwane zabantu empini eqhubeka eGaza.
Kusukela kuqale le mpi lapho elakwa-Israel lilwa nezihonga zeHamas, sekushone abantu abangaphezu kuka-23 000.
URamaphosa uthe elakuleli ngeke lisonge izandla ekubeni kubhubha abantu eGaza.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini owandulela umgubho weminyaka engu-112 kwasungulwa i-ANC.
URamaphosa uthe isimangalo esifakwe yiNingizimu Afrika sikhombisa ngokusobala ukuthi elakuleli lizimele.
“Ngiyazi abanye bathi lento ingase yenze ukuthi sinswinywe kwezomnotho noma sihlaselwe, kodwa ke ngeke sibukele izinto zonakala. Ngeke sithule kubulawa abantu.”
URamaphosa uthe okwenze ukuthi balusukumele lolu daba ukuthi bayazwelana nabantu basePalestine abacindezelekile.
“Baseseka ngesikhathi nathi sicindezelekile. Siyakwazi ukuthi ukuphila ngaphansi kwengcindezelo akukuhle.”
Icala lapho elakuleli limangalele khona elakwa-Israel lizongena eNkantolo yamaCala aMazwe kusasa.
Icala lizoqulwa izinsuku ezimbili.
Elakuleli lizokube limelwe yithimba eliqinile elifaka izazi zomthetho wamazwe.
Ethimbeni elimele elakuleli kukhona ungoti womthetho wezamazwe omhlaba, uSolwazi John Dugard, uSolwazi Max du Plessis, nabameli uAdvocate Tembeka Ngcukaitobi no-Adila Hassim.
Amazwe omhlaba ahlukene phakathi ngaleli cala.
Iningi lamazwe ayizikhondlakhondla akhombisa ukweseka elakwa-Israel, kanti isicelo seNingizimu Afrika sesekwa kakhulu amazwe ase-Asia.
Amazwe asephumele obala azwakalisa ukweseka isiphakamiso seNingizimu Afrika yiTurkey, Jordan neMalaysia.
Kusukela kwaqala impi, elakuleli belilokhu ligxeka izenzo zelakwa-Israel.
Kube nemibhikisho eminingi kuleli eyeseka abantu basePalestine.
IPhalamende lathatha isinqumo sokuthi uhulumeni wakuleli uvale izindlu zenxusa lakwa-Israel.