intatheli yesolezwe
U seqokiwe ozobamba esikhundleni seNgonyama uBuyelekhaya Dalindyebo yesizwe sabaThembu esigqunywe ejele, ngokusho kombiko okhishwe ngeSonto.
Embikweni osakazwe kwaSABC, ngalesi simemezelo, uMntwana Phandulwazi Mhlontlo Dalindyebo akazange alisho igama lozothatha izintambo zobukhosi. Lokhu kuvele emhlanganweni obungoMgqibelo obusoBumbane Great Place ngaphandle kwaseMthatha, e-Eastern Cape.
UMntwana uPhandulwazi Dalindyebo uthe umhlangano wabo wangoMgqibelo ube yimpumelelo. “Kube nomhlangano wamadodana namadodakazi eNgonyama izolo (ngoMgqibelo) lapho sibonisane ngokuthi ubani ozabamba esikhundleni seSilo ngesikhathi singekho. Umhlangano ube yimpumelelo. Ukubonisana ngokuthi ngubani ozobamba sesikuphothulile,” bamcaphune abezindaba esho kanje.
Okhulumela umndeni wasebukhosini, uDaludumo Mtirara, usanda kuzwakala ethi ukungena kweNgonyama yabo ejele kusho ukuthi “umndeni wasebukhosini mawuqoqe, ulungise okonakele, bese kuhlabelwa phambili nokuphathwa kobukhosi basebaThenjini”.
INkantolo enkulu yaseMthatha ikhiphe isinqumo ngoLwesithathu sokuthi iSilo sabaThembu sizinikele siyongena ejele ngenxa yamacala asilahlile enzeka kusukela eminyakeni ka-1990.
UDalindyebo ugcine engene ejele emuva kwemizamo yonke yokugwema ukugqunywa khona, eminye yayo eze yenzeka ngemizuzu yokugcina lapho kwenziwe isethulo kuNgqongqoshe woMnyango wezoBulungiswa ngoLwesibili. Uqale ukudonsa isigwebo sakhe seminyaka ewu-12. Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Manelisi Wolela, uqinisekisile ngoLwesine ukuthi uDalindyebo ungenile ejele ngaphambi kwamabili ngoLwesithathu, okuhambisane nomyalelo wenkantolo.
NgoLwesine ekuseni uMtirara uthe umndeni wasebukhosini uvumelane ngoLwesithathu ebusuku ukuthi kuzoba nomhlangano womndeni weSilo uNgangelizwe, namhlanje ozolandelwa ngowomndeni wasebukhosini bamaDlomo ngoLwesibili kanye nomhlangano wesizwe sabaThembu, wona ozoba ngoLwesihlanu.
Uthe yonke imihlangano izoba sesigodlweni seSilo oBumbane. Ungeze ngokuthi umndeni wasebukhosini “ufuna ukuvuselela ubudlelwane nabantu nemindeni yabantu ababa yizisulu zezenzo zeSilo”.
UMtirara ugcizelele ukuthi kulindelwe kuphela abeSilo uNgangelizwe emhlanganweni wokuqala onamuhla.