ABAZALI babafundi besikole samabanga aphezulu esiqanjwe ngomsunguli weLadysmith Black Mambazo, iDr Joseph Shabalala Secondary, sebenqumele uMnyango wezeMfundo ugwayi katiki ukuba uxoshe uthishanhloko nabanye othisha ngezinsolo zokubhubhudlwa kwemali.
Okhulumele abazali bezingane zasesikoleni ebesaziwa ngeKlipriver High ngaphambi kokuqanjwa ngoDkt Bhekizizwe Joseph "Mshengu" Shabalala ngo-2016, uMfundisi Lindokuhle Kubheka, uthe njengabazali bahlele ukuyoyinyomfa ngoMsombuluko ukuze kuphazamiseke ngisho nokubhalwa kwezivivinyo zika-matric.
UKubheka uthe udlambedlu luqale kulesi sikole ngesikhathi kutholakala ukuthi kunezindodla zemali ezehliswe ngomlenze nguthishanhloko uNkk Jabulile Mbhele.
Uthe babizwa usihlalo wesigungu sabaphathi besikole ebazisa ukuthi kukhona okungahambi kahle esikoleni.
"NgoJanuwari uthishanhloko wasazisa ukuthi imali ekhona kwi-account yesikole nguR2.3 million. Bathi uma sebebheka amàbhuku kwavela ukuthi sekusele uR47 000." Imali beziphuma zinikezwa abanye othisha njengemalimboleko.
Uthe uthishanhloko ubuye wathenga ibhasi lesikole ngemali ebalelwa kuR500 000 ngaphandle kokuthola igunya esigungwini, wathenga ifenisha yehhovisi lakhe ebiza uR75 000, ne-branding kaR600 000. UKubheka uthe akunamanzi esikoleni kanti nogesi bewusucishwa.
Uthe njengamanje kunothisha nabanye abasebenzi basesikoleni ababhuquza emakhaya ngenxa yokungakhokhelwa ngoba ingasekho imali.
"Okwamanje kusetshenziswa imali yesabelo sezingane ezizobe zifunda ngonyaka ozayo."
Uthe yingakho bathathe isinqumo sokuyovala isikole ngoMsombuluko ukuze kume nse yonke into kuze kube umnyango uyazizwa izikhalo zabo.
Kuleli sonto abazali batheleke kulesi sikole bebhodla umlilo befuna ukudla luhlaza uNkk Mbhele owayeyiMeya yaseNkosi Langalibalele Municipality e-Estcourt.
Kuze kwasiza ukutheleka kwabakwaSidlodlo okuyibo abafike bashushumbisa uNkk Mbhele baye bayombalekisa ngemoto yabo, bedlula kubazali ebebethukuthele begane unwabu. Ngesikhathi eseshushumbiswa ngamaphoyisa, abazali nabanye abafundi bebekikiza bethakasela ukuthi useyahamba kulesi sikole.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe okubi kakhulu wukuthi lezi zidubedube zakulesi sikole zenzeka kuzobhala umatric, okuyinto ekhathazayo. Uthe kodwa uMnyango uphezu kwalo lolu daba kwalesi sikole ukuze kutholakale isixazululo esingezophazamisa ikusasa lezingane.