NGENXA yokuthi ngisemusha kule ngosi, okungenzeka ukuthi kuningi abafundi bayo abangakwazi nabangakuqondi ngami, ngithi angiqale ngokuveza ukuthi ngiwumlandeli omkhulu womsakazo, kangangokuthi awukho umsakazo engicheme nawo, ngilalela noma yimuphi engithola ithuba lokuwulalela.
Ngingenisa kanjena nje ngoba emasontweni ambalwa edlule, ngike ngabheka iziteshi ezahlukene ikakhulu ezaKwaZulu-Natal ukuthi zisebenza kanjani, nokuthi abasakazi bazo bazisebenzisa kanjani futhi kangakanani izinkundla zokuxhumana ukuhlale besemehlweni abantu, nokunxenxa abalaleli ukubalalela.
Ekwenzeni lokho, ngiqaphele ukuthi phakathi kwezinto ezenza ukuthi iGagasi FM lihlale lisematheni ebantwini, wukuthi ligabe ngabasakazi abenza okungaphezu kokungena e-studio, basakaze izinhlelo zabo bese kuphelela lapho njalo.
Lo msakazo ozimele ozinze eCornubia Mall, eMount Edgecombe, enyakatho yeTheku, ngiwubona uhamba wodwa ngabasakazi “abaphapheme” futhi abakuqondayo ukuthi izinkundla zokuxhumana zisiza kanjani futhi kangakanani ukudoba umlaleli.
Abanye balabo basakazi esengiqaphele ukuthi ukusebenzisa kwabo izinkundla zokuxhumana ngendlela efanele kusiza lo msakazo woMinnie Ntuli, Sphokuhle Luthuli, Mkay Music, Nkulee Mbatha, Lusanda Mnqayi noSine Nene, wengosi yomgosi ohlelweni lwangoMgqibelo ekuseni.
Okungihlaba umxhelwe ngabo wukuthi nakuba lesi siteshi sikukhuthalela ukwazisa abantu ngokwenzekayo kusona nangezinhlelo ezisuke zizongena emoyeni, nabo basebenzisa amakhasi abo ezinkundla zokuxhumana ukwenza okufanayo.
Yinto enhle leyo futhi engasiza ukudoba iso nendlebe yomlaleli ngoba nabo banabalandeli babo abaseceleni, okungathi uma behlabeka umxhwele ngabakubhala futhi bekusho emakhasini abo, bafise ukulalela izinhlelo zabo, bese kusizakala umsakazo.
Lokhu kubonakala ngisho noma lo msakazo uhambele ezindaweni ezahlukene ukuthi abasakazi bawo bayawuthanda umsebenzi wabo. Bahlale bejabule futhi abalenzi iphutha... konke lapho beya khona abalibali wukwenza amavidiyo, bejabula nabantu noma yini okunye okunjalo, kuya ngokuthi ni kusuke kwenziwani kuleyo ndawo abasuke bekuyona. Enye yezinto leyo engibona iwusiza lo msakazo ukuthi uhlale usematheni ebantwini, okuwusiza ukhule.
Ngaphandle kokuthi iGagasi FM ligabe ngezinhlelo ezihlabahlosile, nokuba nabasakazi abasebasha futhi abaphapheme nabaqondayo ukuthi izinkundla zokuxhumana zisetshenziswa kanjani, liwusizo kakhulu.
La macebo angayisiza neminye imisakazo uma ikhuthaza abasakazi bayo bakhuthalele ukubhala futhi baxoxe ngezinhlelo zabo emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana okusiza ngokuheha abalandeli babo ukuthi balalele imisakazo abayisebenzelayo.