INTOKAZI ephethe isicoco sikaMiss South Africa, uNdavi Nokeri, izohloba ngemisiko eqhakambisa i-Afrika, uma isincintisana nezintokazi ezimele amanye amazwe emncintiswaneni, iMiss Universe ozoba ngoJanuwari 14, 2023, eNew Orleans, eLouisaina, e-USA.
Lokho kuhlaluke ngoLwesithathu eThe Maslow Hotel, eSandton, eGoli, lapho uNdavi (23), obehamba nabomndeni wakhe, ethule imisiko ekhazimulayo negqamisa ubu-Afrika. Uhlelo lomcimbi beluphethwe ngowayenguMiss SA ngo-2019, uZozibini Tunzi.
Umqondisi weMiss South Africa Organization, uMnuz Werner Wessels, uthe umsiko wezwe ugqokwa ngabancintisana kuMiss Universe, ngakho kusemqoka ukuthi uhluke kweminye ngoba usuke umele izwe lowo, nalowo nobuhle, osuke eyingxenye yomqhudelwano.
“Kulo nyaka besifuna umsiko wesizwe ube nendlela yoqhakambisa ubu-Afrika. Sithanda nokuthi uNdavi ungumTsonga oziqhenyayo ngobuyena, ngakho kuhle ukuthi umsiko ozowugqoka emncintiswaneni unakho okuhambisana nobuyena,” kuchaza uMnuz Wessels.
Umsiko wesizwe wenziwe nguHenk Henderson, weHenderson Worx, bese kuthiomunye wahlanganiswa nguSello Medupe weScalo Designs - okuyiyo eyenze umsiko wesizwe kaThato Mosehle, kuMiss Supranational ngonyaka odlule.
“Ngamaphiko besifuna ukuveza uphawu lokundiza noluyindlela yokukhombisa ukuthi abesifazane base-Afrika, bandizela phezulu kangakanani emhlabeni. Kungokokuqala ngqa ukuthi umsiko wenziwe ngendlela emela i-Afrika,” kusho uWessels.
UNdavi wethula nengubo eyenziwe nguJuan Visser, weJuan William Aria, nokunguye omthungela izingubo azozidinga emncintiswaneni.
UVisser uthe uqale ukwenza izingubo zikaMiss SA ezinyangeni ezimbili ezedlule, ukuze enze isiqiniseko sokuthi ukhiqiza into yamehlo.
UNdavi uthe yize sekusele inyanga kuphela ngaphambi komncintiswano kaMiss Universe 2023, kodwa namanje akakakholwa ukuthi uzoba yingxenye yawo. Uthe kufana nokufezeka kwephupho lakhe leminyaka.