SEBEVUKE isiphiyoyo abafaka iSilo uMisuzulu kaZwelithini noMengameli Cyril Ramaphosa enkantolo, benuka abathile ngokuzama ukuphehla udweshu njengoba kulungiselelwa ukuqulwa kwecala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu elizongena eNkantolo eNkulu ePitoli, namhlanje.
Sekulokhu kwakhothama iSilo uZwelithini, indlunkulu iklayeke iyizingcezu ngodaba lobukhosi - kunabeseka iSilo uMisuzulu kaZwelithini nabeseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini kanti kunanohlangothi olwaphakamisa igama likaMntwana uBuzabazi.
Namuhla kulindeleke ukuthi kuminyane utshumo enhlokodolobha yezwe ePitoli, njengoba iHhovisi leSilo lithe lilindele amabutho angaphezu kuka-3 000 ukuba azokweseka iNdlulamithi ngaphandle kwenkantolo uma sekulalelwe isicelo esifakwe uMntwana uSimakade. Kulesi sicelo, uMntwana uSimakade uphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu.
Icala kuhlelwe ukuba lilalelwe kuze kube uLwesithathu, kanti kunesinye isicelo esifakwe ngabeseka uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini, naso esiphonsela inselelo isinqumo sikamengameli esesihlanganiswe naleli cala.
UMntwana uBuzabazi wesekwa ngabasendlunkulu okukhona kubo nabafowabo beSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, abaNtwana uMbonisi, Mathubesizwe noVulindlela.
Sekube nokunqakisana ngamazwi phakathi kwabeseka iSilo nabeseka uMntwana uSimakade njengoba abeseka uMntwana uSimakade besola abeseka iSilo ngokuvukuza amabutho ukuba abe senkantolo.
Osohlangothini olweseka uMntwana uSimakade, uMntwana uThokozani Zulu, uthe ukunxenxwa kwebutho ukuba liyokuba yingxenye yabeseka iSilo bakubona njengokuphehla udlame.
“Kuba yinkinga uma kuthiwa abantu abayokhombisa intukuthelo ngoba intukuthelo ungayikhombisa ngezindlela ezahlukene okufaka nokuphuma komphefumulo. Siyakuhlonipha ukuthi wonke umuntu unelungelo lokweseka noma ubani. Kodwa kufanele sisigweme isimo lapho khona kuzobonakala sengathi kukhona abafakela inkantolo ingcindezi ukuba ithathe isinqumo esithile.”
UMntwana uThokozani uphinde wasola iSilo ngokuthi sibambelela ngezidindi njengoba ekhala ngokuthi sithembele encwadini efungelwe kaNdunankulu kaZulu ongesekho, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, akhothame engakayisayini.
UButhelezi kuthiwa wenqaba ukuyisayina le ncwadi ngenxa yokuthi wayengajabule ngokuqokwa kukaSihlalo weNgonyama Trust nokushintshwa kwabameli ababemele iSilo emacaleni ayethethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
UMntwana uThokozani uphinde wakhala ngokuthi iSilo sizama ukusebenzisa amaphepha asenkantolo amadala ayesebenza emacaleni ayethethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Elokuqala lalifakwe wuNdlunkulu Sibongile Dlamini wokuqala kaMdlokombane, owayefuna ukuthola uhhafu wamafa eSilo uZwelithini ngoba ethi umshado wabo uhlanganisa amafa.
Icala lesibili lalifakwe ngabaNtwana uNtandoyenkosi noNtombizosuthu, basesigodlweni KwaKhethomthandayo.
Abantwana babephonsela inselelo incwadi yefa eyaqoka iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini-Zulu ukuba yibambabukhosi.
Wonke la macala achithwa.
UMntwana uThokozani uthe abakungabazi ukuthi icala bazolinqoba.
“Noma lingahlehla ngoMsombuluko (namhlanje) kodwa ekugcineni iqiniso lizogcina livelile.”
Okhulumela iHhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu, ukuphikile ukuthi baphehla udweshu.
“Abantu bazokube beyoseka inkosi enkantolo. Kuba njalo uma ulwa nenkosi. Abantu abaphehla udweshu yibona njengoba bethinta inkosi. UZulu uphatheke kabi ngokuhlukunyezwa kweNgonyama.”
UMntwana u-Africa uthe balindele amabutho aqhamuka ezingenxenyeni ezahlukene zezwe.
“Inkosi yaseMazimeleni (uThanduyise kaMpiyezintombi) ikhiphe amabhasi amathathu. Amanye amakhosi nawo akhiphe amabhasi. Kuzokube kumnyama eTshwane.”
UMntwana u-Africa wenqabile ukuphawula ngamaphepha afakwe iSilo enkantolo.
“Thina asikhulumi ngamaphepha asenkantolo kwabezindaba, lona umkhuba wabo laba. Thina okwethu sikukhuluma enkantolo. Nabo uma bezethemba abahambe beyokhuluma enkantolo. Abameli beSilo bami ngomumo ukubhekana nabo.”