UMNDENI kamufi uReeva Steenkamp, uthi nakuba u-Oscar Pistorius ededelwe ngoshwele kodwa akahlumelelisekanga kahle isimilo futhi akazisoli. UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo umemezele ukuthi uPistorius uthole ushwele futhi uzodedelwa ngoJanuwari 5.
UPistorius wadubula wabulala intombi yakhe uReeva ngosuku lwezithandani uFebruwari 14, ngo-2013. Isigameko sethusa abaningi kanti uPistorius wayezithethelela ngokuthi wadubula ngoba wayecabanga ukuthi kunesigebengu esingene endlini.
UPistorius walahlwa yicala lokubulala ngokungenhloso ngo-2014 kodwa sadluliswa isinqumo wagcina elahlwa elokubulala wagwetshwa iminyaka engu-13 ngo-2017.
UNkk June Steenkamp, ubhale incwadi enza izethulo ebhodini likashwele. Uthe ubona sengathi akazisoli uPistorius emuva kwento ebuhlungu kangaka ayenza kubona.
“Ukuzisola nokuhlunyeleliswa isimilo kuhambisana nokuthi umuntu ahlambuluke ngakho konke nangokwethembeka ngobugebengu abenza bese amukele nesijeziso. Akekho umuntu ongathi uyazisola kodwa ebe engakhulumi iqiniso lonke,’’ kusho uNkk Steenkamp, encwadini.
UPistorius uzame kaningi ukufaka isicelo sikashwele echithwa eya nasenkantolo. Abezamajele bathe bambheke kabanzi uPistorius, bathola ukuthi ufanelwe wukudedelwa ngoshwele futhi bazobe bembheke ngeso lokhozi nakuba esengaphandle.