UMBIKO wokuqala kaMvikeli woMphakathi obambile, u-Advocate Kholeka Gcaleka, ukhomba ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa umsulwa ngodaba lwaseplazini lakhe iPhala Phala.
Ngokubika kwesiteshi sezindaba i-eNCA, umbiko wokuqala usuphumile wathunyelwa ezinhlakeni ezithintekayo naye uRamaphosa uqobo, ngaphambi kokuthi kwenziwe owokugcina.
Indaba yaqala ngokuthi kugqekezwe iplazi likaRamaphosa iPhala Phala Game Farm, eliseBela Bela, eLimpopo lapho kwebiwa khona izishaqane zemali engamadola.
U-Advocate Gcaleka embikweni uthi uRamaphosa akanacala kodwa amaphoyisa awalusingathanga kahle udaba lokugqekezwa kweplazi. Umbiko uqhubeka uveze ukuthi abukho ubufakazi okukhomba ukuthi uRamaphosa uphethe ukusebenza kweplazi lakhe.
Kwenzeka loku nje kusanda kuvela ukuthi imali engamadola kayidalulwanga ngokwemigomo yentela kodwa iSars yona ithi umengameli akaze awephule umthetho wezentela.