BAVUKWE wumunyu bakhihla isililo emuva kokuthi inkantolo ibakhiphe phambili ecaleni lenkohlakalo kaR28 million womcimbi kahulumeni owabhuntsha.
IJaji Mahendra Chetty leNkantolo eNkulu yaseThekwini likhiphe phambili owayeyiphini likasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, nabanye abangu-15 kuhlanganisa nezinkampani.
Icala belithinta iNorth Sea Jazz Festival umcimbi owaphasiswa yikhabhinethi yesifundazwe ngo-2012 kodwa wabhuntsha ungenzekanga ngoFebhuwari wonyaka olandelayo.
UChetty uchithe amacala abekade ethweswe abamangalelwa, wathi uMbuso uhlulekile ukwethulela inkantolo ubufakazi obuqanda ikhanda obebuzokwenza oMabuyakhulu balahlwe ngalawa macala.
Kube sekuqhuma isililo nezinyembezi zenjabulo kubamangalelwa, bethi babekade bazi ukuthi kabanacala.
Abamangalelwa bathweswa lawa macala ngo-2018 kwaqala ngo-Okthoba 2021 ukuqulwa kwaleli cala eliphethe izolo.
UMabuyakhulu uthe ubevele azi ukuthi umsulwa kodwa wadedela umthetho udlale indima yawo kwaze kwaba uphuma phambili.