BABONGA bayanconcoza abaqoqa imfucuza eNew Germany, eThekwini, njengoba kungeke kusadingeka ukuthi baze bazifikele mathupha lapho okulahlwa khona imfucuza ngenhloso yokuthi iphinde isetshenziswe.
Lokhu kuhlaluke izolo ngesikhathi inkampani iBig Start Training and Development yethula inqola ezohambela emphakathini waseNew Germany, namaphethelo ukuze ilekelele ekunciphiseni ibanga elihanjwa yilabo abasuke beletha imfucuza.
Ekhuluma neSolezwe uNkk Maureen Hadebe, oqoqa imfucuza uthe ujabule kakhulu ngale nqola.
"Siyafa ukuthwala sizilethela thina imfucuza kuyo lendawo. Sisuke sithwele izinto ezisindayo okunye sigcine singakulethanga. Ngemfucuza engisuke ngiyilethile ngijwayele ukwenza imali engango-R120, R150 noma uR200 kushiyana ukuthi ngilethe izinto ezingakanani. Lemali engiyitholayo iyangisiza ngikwazi ukubeka isinkwa etafuleni ngithenge ngisho ugesi," kuchaza uNkk Hadebe.
Kanti uNkk Sphiwe Myaka uthe inqola izosiza ngoba nasemilenzeni akaphilile kahle.
"Ukuthwala bese kungilimaza kakhulu. Lento engiyezayo yokuletha imfucuza ngisuke ngenzela izingane zami ukuthi zithole isinkwa. Bese ngizibuza ukuthi laba abathathelwa yizimoto abanjani, mina ngibe ngithwala kangaka kuze kube buhlungu intamo," kusho uNkk Myaka.
Uthe imali ayenzayo ilinganiselwa ku-R150, no-R100. Uthe akubonga kakhulu kunakho konke ukuthi izingane zakhe zilala zidlile ngoba ngaleyo madlana encane uyakwazi ukuthenga impuphu.
Ongumsunguli aphinde abe ngumqondisi kwaBig Start, uNkk Thozeka Letuka, uthe ukunikelelwa ngenqola kusho lukhulu.
"Ukuthola le nqola kusho lukhulu ngoba izosisiza kakhulu. Ukusebenzisana nabanye abantu kuzokwenza nomsebenzi ube lula kithina. Amalungu omphakathi nginesiqiniseko sokuthi azoyithakasela kakhulu," kusho uNkk Letuka.
UNksz Elizabeth Nkewane oqhamuka kwaPolyco, okuyinkampani ekhiqiza uplastiki, uthe ukwethulwa kwale nqola kuzonciphisa igebe ngoba izofinyelela kalula emphakathini wonkana.
"Le nqola izosiza ngoba izoya kubo ngqo ngoba amanye amalungu omphakathi kubabiza imali ukusuka lapho abahlala khona bezoletha lemfucuza eBig Start. Kunabantu abadala asebekhulile abahlala kude abahlangabezana nezingqinamba uma belethe imfucuza," kuchaza uNksz Nkewane.
Uthe inqola ine-solar power, nesikali. Amalungu omphakathi azothi uma eseyilethile imfucuza akwazi ukuthi akalelwe akhokhelwe ngokushesha njengoba ezothola isiliphu angakwazi ukuthi ayosishintsha ezitolo ukuze basebenzise imali. Uthe okudingekayo amagama omuntu aphelele, inombolo yocingo kanye neminyaka yakhe.
Ugcizelele nokuthi lokho kuzosiza inkampani uBig Start, ukuthi ibone isibalo sabantu abezile ukuzokala nokuthi bangaki inkampani ebakhokhelile.