UZIBONA ekhula endimeni yokusakaza ibhola uQhawe Hlengwa ofunda esikoleni samabanga aphezulu iLanga Secondary, KwaDabeka onxusa intsha ukuthi iphumele obala ngamakhono enawo ukuze yesekwe.
UHlengwa (19) waKwaDabeka, eThekwini ubesakaza bukhoma emqhudelwaneni wezikole, iThanduyise Khuboni 2nd Annual Schools Tournament, obuseChristianenburg Stadium, eClermont muva nje, nalapho eshiye izethameli zalo mqhudelwano zingawuvali umlomo zibabaza ubuchule bendlela asakaza ngayo.
Ekhuluma neSolezwe uthe uthando lokusakaza ibhola yinto akhula nayo.
“Uthando lokusakaza ibhola ngaluqala ngisemncane ngifunda uGrade 4 eMcopheleli Primary. Ngangingazi ukuthi abantu bazoyithanda le nto engiyenzayo ngoba nasekhaya bengihlale ngisakaza futhi bangincome,” kusho uHlengwa.
Uthe ufuna ukukhula kule ndima njengoba ebukela kwezinye izinkakha ezisakaza ibhola.
“Njengoba ngizophothula u-matric nje, isifiso sami ukuyifundela le ndima yokusakaza ibhola. Umuntu engibukela kuye nguReggie ‘Mapensela’ Ndlovu osakaza imidlalo ye-Priemier Soccer League,” usho kanje.
UHlengwa uphinde waphonsa inselelo entsheni yamanje ukuthi iphumele obala ngamakhono enawo.
“Kubalulekile ukuthi singathuli namakhono ethu esinawo ngoba kubalulekile ukuziveza ukuze uthole usizo. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi umuntu omncane unalo ikhono kodwa akasakwazi ukuqhubeka aye nalo phambili ngenxa yokuthi akekho omesekayo,” ubeke kanje.