IZOBUYELA ngesonto elizayo eNkantolo yeMantshi yaseScottburg, inyanga esolwa ngokudlwengula amadodakazi amabili engawazali.
Lo msolwa ona-45 (igama lakhe eligodliwe ngenxa yobucayi becala) ongowaseLondon Farm, eMkhomazi, uboshwe ngesonto eledlule kanti kuthiwa ubhekene namacala amabili okudlwengula amadodakazi aneminyaka ewu-16 azalwa amakhosikazi akhe ahlukene okuvele ukuthi enye yawo uqale ukulala nayo ngo-2019.
Uzophinde abuyele enkantolo ngoMsombuluko ukufaka isicelo sebheyili.
Ngesikhathi evela enkantolo, amalungu omphakathi nezinhlangano ezisemphakathini zihambele inkantolo ngenhloso yokufaka ingcindezi ekutheni umsolwa engayinikwa ibheyili.
UNksz S’bo Ngcobo wenhlangano ebhekelele izingane, Uthingo Crisis Centre, uthe ukunikela kwabo enkantolo kungenxa yokwanda kwamacala okuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane.
“Sithole ukuthi umsolwa ungusingababa kulezi zingane ezizalwa amakhosikazi akhe amganile. Kuthiwa uphinde abesanyanga njengoba nonkosikazi wesibili bahlangana ngokuthi wayozofuna usizo oluhambisana nokwelashwa kuyena.
“Okubuhlungu ukuthi kunengane okuthiwa uyiqale ngo-2019, okuyinto ewubulwane. Ngendlela esesihlale sithuke ngayo ngenxa yalezi zigameko, sekunzima ngisho ukucela usizo oluthile kumuntu ngoba awazi ukuthi yikuphi okulandelayo azokwenza kuwena. Nakuba kunjalo, siyawunxusa umphakathi ukuthi ungafeli ngaphakathi, ukhulume ngalezi zinto uma usola noma uzibona zenzeka ukuze kusizakale abagilwa,” usho kanje.
Uthe ngoMsombuluko bazonikela enkantolo ukuqinisekisa ukuthi umsolwa akayinikwa ibheyili.
Ngesikhathi ememezela izibalo zobugebengu zekota yesithathu, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, uthe zehle ngo-208 izigameko zokudlwengula ezibikiwe ezweni lonke njengoba zingu-12, 211 ezibikwe kule kota ukuqhathanisa no-12, 419 wangesikhathi esifanayo ngo-2022.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Lieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ophiko olubhekelele amacala odlame lwasemndenini, ukuvikelwa kwezingane namacala aphathelene nocansi eMlaza, aphenya amacala amabili okudlwengula.