UPHUNYUKE ngembobo yenaliti oyiMeya yeTheku elikhungethwe yizinkinga, uMnuz Mxolisi Kaunda, amaqembu aphikisayo ezama ukumkhipha ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe ngoLwesithathu.
Bese kungokwesibili uKaunda esinda ngale ndlela. UKaunda usindiswe amaqembu amancane akwazile ukuhlanganisa isibalo esikwazi ukumbuyisela kulesi sikhundla. I-EFF namanye amaqembu bebevotele ukuthi aphume.
Emakhanseleni awu-209 abekhona, u-109 uvotele ukuthi angasuswa, kwathi awu-98 aseka ukuthi agudluzwe kulesi sikhundla.
Isiphakamiso senziwe wumholi we-IFP uMnuz Mduduzi Nkosi, othe iTheku lisenkingeni futhi litheleke ngehlazo ngezinto eziningi okukhona kuzo ukungayiswa kwentuthuko kubantu. Uthe okukhulu kunakho konke wukuthi kucacile ukuthi uKaunda uhluleke wancama ukuthi abantu abakhele uMasipala weTheku namaphethelo bakwazi ukuphila ngendlela enesithunzi, babe namanzi noma awokuphuza nje.
“Ngaphansi kobuholi bakho, abantu baseThekwini abanamanzi. Ngaphansi kokuholi bakho abantu bangaphansi kwengcindezi yokukhushulelwa zonke izindleko zikamasipala. Idolobha lisule izigidi ngezigidi zezikweletu obekumele engabe zisiza umkhandlu. Yinqwaba yemali esebenza budedengu. ITheku lisenkingeni yezimali engakaze ibonakale,” usho kanje.
IDA yona ithe wuMasipala weTheku okumele usolwe ngokungabi khona kwamanzi ezindaweni eziningi, hhayi ezinye izinhlaka.
Ithe akumele kusolwe uMngeni-uThukela Water ngalezi zinkinga zamanzi ... wumasipala weTheku ohluleka ukulawula lolu daba.
Umholi weEFF, uMnuz Themba Mvubu, uthe kumele kucace ukuthi ubudlelwane abanabo ne-ANC, akubona obokubusa ngokubambisana. Uthe i-ANC ayibathinti uma ithatha izinqumo.
“Kuyingxenye yokubambisana ukuthi uma kunezinqumo enizithathayo, nisazise. Satshela i-ANC ngonyaka odlule ukuthi kungabi khona izinqumo zomkhandlu ozithathayo ngaphandle kokusazisa ngoba akekho obusa ngokuba neningi kulo masipala,” kusho uMvubu.
Uthe bazoqhubeka bavote ne-ANC ezintweni abasuke bevumelene kuzona, kodwa kulezo abaziphikisayo, bazoqhubeka nokucacisa ukuthi abahambisani nazo.