UBOSHWE enkantolo ngesikhathi ezovela ngelinye icala uBonginkosi Khanyile (34) wabekwa icala lokuphula umthetho ovimba ukuhlangana kwabantu ngaphandle kwemvume nelokubopha itulo lokugovuza umphakathi ukuba uvuke udlambedlu.
OKlebe okuyibo ababophe uKhanyile bathe ukuboshwa kukaKhanyile kusukela enkulumeni ayenze ngoMashi nonyaka eGoli.
Kuthiwa inkulumo kaKhanyile yayiphambene nomthetho iRiotous Assemblies Act.
Uboshwa nje uKhanyile uvele ungaphandle ngebheyili ka-R5 000 ngecala elithinta izibhelu zomtapo zangoJulayi 2021 abelivelele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu.
Okhulumela oKlebe kuzwelonke, uColonel Katlego Mogale, uthe inkulumo kaKhanyile yayihlose ukugovuza umphakathi ukuthi ubhikishe futhi ube nodlame uma iqembu lakhe lezepolitiki lingekho ohlwini layezovotelwa.
“Lenkulumo yayinencazelo ethi izakhamuzi kumele zihlangane bese ziyatapa njengoba kwenzeka ngoJulayi 2021. Icala livulwe esiteshini samaphoyisa saseBrixton,” kusho uCol Mogale.
Uthe uKhanyile uphinde wadedelwa ngebheyili uzobuyela enkantolo ngoSepthemba 23 nonyaka ngawo wonke amacala athweswe wona.
Kuthiwa uKhanyile wathi ngeke lube khona ukhetho eNingizimu Afrika uma kususwa iqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party nomholi walo uMnuz Jacob Zuma.