UMBIKO wodokotela ovela esibhedlela saseMgungundlovu sabanokukhubazeka ngokwengqondo, i-Fort Napier, uveza ukuthi isebenza kahle ingqondo kaMnuz Thabo Ntokozo Nzimande (31) obhekene necala lokushumpula ngocelemba ikhanda likaninakhulu wase eyaligenda njengebhola.
UNzimande utokile eWestville njengoba esolwa ngokubulala uninakhulu, uNkk Betreace de Lange (80) esigamekweni esenzeka ePinetown ngoJuni 7, nonyaka.
UNzimande ubekade evele kwithelevishini yasenkantolo kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje yena eseWestville. Icala belikade liqhubeka eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
Ngaphambilini, icala belihlehlisiwe ukuze inkantolo igcine ithole ukuhlinzekwa ngombiko ogcwele ovele e-Fort Napier.
UDkt Shain noDkt Lugongolo kuvele ukuthi yibona ebebehlola ingqondo uNzimande.
Izolo, umshushisi uNksz Nomcebo Xulu uveze ukuthi sewubuyile umbiko omayelana nokuhlolwa kwengqondo kaNzimande.
Umbiko kuthiwa uveza ukuthi uNzimande uphila saka ekhanda futhi azikho izimpawu ezikhombisa ukuthi kukhona okumphazamisayo. Ugcizelela nokuthi uNzimande angakwazi ukumelana necala.
Kuze kufinyelelwe kulesi sigaba sokuthi ahlolwe ingqondo nje uNzimande, yingoba ngaphambilini watshela inkantolo ukuthi akasakhumbuli ukuthi kwenzakalani ngosuku lwesigameko.
Nombiko wokuqala kadokotela wase-RK Khan eChartswoth, uveze ukuthi uNzimande akakulungele ukuthi angabhekana necala ngokwesimo sakhe somqondo.
Uveze nokuthi uNzimande une-bipolar (isifo sengqondo esenza ukushintshashintsha kwemizwa nendlela abhekana ngayo nempilo) futhi nesigameko akasasikhumbuli.
UNzimande utshele imantshi uWendolyine Robinson ukuthi akakhumbuli lutho.
Waveza nokuthi usumhlamukile umndeni wakoninalume abekade ehlala nawo egcekeni ngaphambilini.
URobinson uthe ukuphuma kwalo mbiko kunikeza umhlahlandlela ogcwele wenqubekela phambili kuleli cala.
“Yilo mbiko obubalulekile kakhulu kuleli cala. Kusuka manje sesizoqhubeka senze konke okumele sikwenze kuze kufinyelele esiphethweni secala,’’ usho kanje.
Icala lihlehliselwe uSepthemba 10, njengoba kukhona uphenyo okuthiwa lusazoqhubeka mayelana necala.