ILIPHIKILE icala lokubulala isishoshovu esasilwa nohulumeni wobandlululo indoda evele eNkantolo yesiFunda yaseThekwini ngoMsombuluko.
UMnuz Wesley “Matiri” Madonsela usolwa uMbuso ngokuthi wadubula wabulala ibhungu elinguSiphelele Nxumalo (17) eChesterville, eThekwini ngoFebhuwari 2, 1989.
INational Prosecuting Authority (NPA) isola ukuthi uNxumalo wabulawelwa ukuba isishoshovu. UMbuso uthe umufi wadutshulwa ekhanda, esifubeni, esiswini waphuka umgogodla.
Kuvele nokuthi umbiko kadokotela owahlola isidumbu, uMadonsela angawuphikisi, wathi imbangela yokufa kwaba wukudutshulwa.
INPA isola uMadonsela ukuthi wayeyilungu leqembu elalaziwa ngokuthi yi-A Team elalisebenzisana namaphoyisa ohulumeni wobandlululo.
UMadonsela uthe akakuphikisi okuqukethwe wumbiko wokuhlolwa kwesidumbu nama-albhamu ezithombe endawo yesehlakalo nokuthi umufi wadutshulwa.
Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uMadonsela waboshwa ngo-1989 wase ededelwa ngebheyili.
“Emuva kwalokho wadla phansi. Ngesikhathi seKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana iTRC, umbiko wayo waveza ngokubulawa kukaSiphelele. UMadonsela uze waboshwa kulo nyaka wathweswa icala lokubulala,” iNPA.
Umufi kuthiwa wayeyilungu le-United Democratic Front (UDF) eyayikha ngakhezo lunye ne-African National Congress (ANC).
UMadonsela ungaphandle ngebheyili. NgoSepthemba uvelile enkantolo lapho kwenziwa khona izendlalelo zokuqulwa kwecala.
UMbuso uzosebenzisa ubufakazi bowayeyintombi kamufi, unina nobephoyisa.
INPA ithe kuzoba sezandleni zenkantolo ukuthi imgweba kanjani uMadonsela uma elahlwa icala athweswe lona.
Uthe umthetho okhona manje ogunyaza udilikajele ngeke usebenze ngoba icala lenziwa ngo-1989 kusasetshenziswa umthetho omdala.
UMadonsela utshele inkantolo ngomlomo wommeli wakhe uMnuz Bongani Cele ukuthi ngeke azidalule izizathu ezenza aphike icala okwamanje. UMadonsela ubehlezi ebhokisini lofakazi ezikhululekele.
Ubesonge izandla ebhale u-four kukhona into ayihlafunayo amehlo ewathe njo kowayeyintombi kamufi, uNksz Phumelele Miya (50) ongufakazi wokuqala kuleli cala elihlelelwe ukuqulwa ngoMsombuluko nangoLwesihlanu.