AMAPHOYISA aphenya imbangela yomlilo oqubuke ngoMgqibelo kwashona abantu abahlanu emijondolo yaseKatlehong.
Ngokwemibiko evela endaweni yesigameko, izelamani ezintathu zakwaNjozela, zihlanganyele ndawonye ngenhloso yokuxoxa nonina emjondolo ahlala kuwo.
Kuthiwa izelamani zilalise izingane zazo ezine emjondolo kanina zaphuma nomama wazo ziyobhunga kwenye indlu eseceleni.
Omunye wezelamani oshonelwe yingane utshele abezindaba ukuthi akubanga yisikhathi eside bephumile, bekomuye umjondolo bexoxa, ngesikhathi bezwa umsindo.
“Sithuke kakhulu uma sibona ukuthi umilo uqhamuka lapha eduze emkhukhwini kamama futhi uvutha ubuhanguhangu ngendlela yokuthi nabebezama ukuwubhula bahlulekile,” kusho yena.
UMaswati Mdluli, okhulumela abezimo eziphuthumayo Ekurhuleni, uthe ithimba labo lifike endaweni yesigameko ngemuva kwemizuzu eyishumi bebikelwe ngesigameko.
“Sifike endaweni yesigameko sabhula umlilo nokuyilapho okutholakale khona izidumbu ezine zezingane nesisodwa somuntu omdala,” kusho uMdluli.
Amaphoyisa ayaphenya ngesehlakalo ngoba babodwa abathi umlilo uqalwe yi-hitha, kodwa kunezinsolo zokuthi owesilisa oyisoka lendodakazi eshonelwe yingane esigamekweni, ubeke wasabisa ngokubulala unina wentombi yakhe.
“Asazi ukuthi sizothini ngoba ezinsukwini ezimbalwa ezedlule waba nezinsongo zokuthi uzongibulala. Izolo sizwe ngomunye wabangani bakhe abehamba naye ukuthi uthenge uphethiloli,” kusho uBulelwa Njozela, oshonelwe yingane kulesi sigameko.
Kuthiwa isidumbu sesihlanu ngesowesilisa oneminyaka engu-31 ubudala kanti izingane ezishonile zingaphansi kweminyaka eyishumi ubudala.