UBUYE eseyimvu yeNkosi uZandi Khumalo ongufakazi oqavile kwababesendlini ngesikhathi kubulawa ngokudutshulwa isihlabani sebhola, uSenzo Meyiwa, ngo-Okthoba 26, 2014.
Lokhu kwenzeke njengoba kuqala phansi ukuqulwa kwaleli cala kulandela ukushintshwa kwejaji uTshifhiwa Maumela, kwangena ezicathulweni zakhe ijaji uRatha Makgoatlheng.
Izolo kuqalwe ngokulalelwa ubufakazi bukaZandi ongudadewabo kaKelly Khumalo owayeyintombi kaSenzo. Abaningi bebelindele ukuthi kuzoba khona ukubambezeleka ngokulalelwa kobufakazi bukaZandi kwazise uke wafaka isicelo sokuthi ethule ubufakazi bakhe esithe, bungaqoshwa bukhoma kwabezindaba.
Inkantolo iguqele ikhefu lasemini uZandi esalandisa ngeziwombe zosuku lwesigameko, kusuka ekuseni kuze kuba yintambama lapho abase bezijabulele khona bekubo eVosloorus.
Ngaphambi kwalokho bobahlanu abasolwa bawabeke obala amanye amacala ababhekene nawo ngesikhathi ijaji uMakgoatlheng libabuza ukuthi bayawavuma yini amacala amayelana nokubulawa kukaMeyiwa.
Abasolwa, ngokulandelana kwabo kusuka kowokuqala kuya kowesihlanu, ngoMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, Mthobisi Prince Mncube, Mthokoziseni Maphisa noSifisokuhle Nkani Ntuli.
Phakathi kwamacala ababhekene nawo kukhona elokubulala, elokuzama ukubulala, elokubamba inkunzi, elokuhlela ukubulala nelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Funda kabanzi ngokwenzeke enkantolo ephepheni lakusasa