UNGCWATSHISWE okweqhawe unina womculi osanda kudlula emhlabeni, uMandlenkosi “Mampintsha” Maphumulo, enkonzweni ebisehholo lomphakathi kwaL KwaMashu izolo.
Akukapheli ngisho inyanga indodana yakhe idlule emhlabeni ngokukhulu ukuzuma, ngoDisemba 24, njengoba eselandela ngoJanuwari 15.
Inkonzo yokugcina kaNksz Zamanguni “Nguni” Gumede-Zuma iqale emuva kwamahora amabili kunesikhathi ebesishiwo, iqhubeke kahle ngesizotha yize iqale emuva kwesikhathi.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, isizathu esenze kudleke isikhathi wukuthi isidumbu sikamufi siqale sadluliswa emzini wendodana yakhe eWestville nasemzini emibili ekwa-E kuleli lokishi.
Ngesikhathi isidumbu sesifika ehholo besiholwa yiqulu lezithuthuthu ezifike zakhalisa umsindo kwachwaza umphakathi.
Esinye sezikhulumi esizibize ngomngani omkhulu kamufi, elingatholakalanga igama laso, sitshele izithameli ukuthi kusukela kushone uMampintsha, umngani waso akabange esaphatheka kahle empilweni.
“Ngosuku okwashona ngalo uMandlenkosi, uNguni wangibuza ukuthi ukhwantshe (uhambe) ngempela? Ngamphendula ngokuthi uhambe ngempela mngani. Amazwi awasho emuva kwalokho, wathi kusho ukuthi naye uzokhwantsha noma yinini. Nangempela kwenzeke njengentando yakhe,” kusho isikhulumi.
UBabes Wodumo, obephelezelwe ngunina, udadewabo noSponge Wodumo, obekuke kwaba namahlebezi athi akavumelekile emngcwabweni, ufike inkonzo isiqalile, eswenke econsa ngengubo emnyama nomhelane obomvu.
Ufike eselandelwa ngabaqaphi bakhe, kanjalo nabakwaShowmax abebeqopha obekwenzeka, okukholakala ukuthi kuzofakwa eziqeshini zesizini elandelayo yohlelo lwabo, Uthando Lodumo.
Uhlelo lwenkonzo yomngcwabo beluphethwe iNdlovukazi Mapule weNanda FM.
Phakathi kosaziwayo ababonakele, kubalwa uDJ Sox Msenzisto, Madanon, Goldmax, Kaymusiq, Dladla Mshunqisi noSister P nabanye.
Kushaye ihora lokuqala emini izolo inkonzo isaqhubeka.
UPinky, osesele yedwa ezinganeni zikamufi, ubhalele unina inkondlo.