UBEKWE endlini yakhe yokugcina ngesizotha u-Oupa ' DJ Sumbody' Sefoka namhlanje eGa-Masemola, eLimpopo. U-DJ Sumbody ongusomabhizinisi Kushaqeka abaningi ngempelasonto edlule kuvele izindaba u-DJ Sumbody uhlaselwe ehamba nonogada eWoodmead lapho ayenandisa khona.
Osaziwayo abaningi babonakele emngcwabenni bezovalelisa nangomculo, okubalwa nabaholi bepolitiki.
Umholi we-Economic Freedom Fighters uMnuz Julius Malema ubengomunye wabantu abahambele umngcwabo. UMalema uthe kumele kutholwe ababulali ngoba ikusasa akwaziwa ukuthi kuzolandela bani. Bekukhona namaciko ahlukene, okubalwa oDJ, omrepha nabaculi. UCassper Nyovest ngomunye wabantu ebebesondelene noDJ Sumbody futhi ubengomunye wezikhulumi ezivusele abantu usizi enkonzweni yesikhumbuzo. Abalandeli balo DJ bagqemeke engeqiwa ntwala kwazise ubebuye abe nendawo yobumnandi ePitoli i-012 Ayepyep, ebisiza amaciko amaningi.
UNyovest uthe uzomkhumbula umngani wakhe ngoba noma ngabe bekuba khona ukushayisana kwemibono kodwa ubengabambi igqubu. "Bekuwuyena umuntu obukwazi ukuhlala umfonela ulibeke iqiniso njengoba linjalo, angadinwa. Noma ngabe uxabene kangakanani naye ubengashintshi indlela akuthanda ngayo," kusho uNyovest.