BAMVALELE ekhoneni ufakazi wokuqala ecaleni lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League (ANCYL), uMnuz Sindiso Magaqa, uNkk Jabulile Msiya.
Izolo uNkk Msiya ubhekane nemibuzo ebiqhamuka kubameli babamangalelwa abane, ababoshelwe icala lokubulawa kukaMagaqa.
Phakathi kwemibuzo abhekane nayo, owokuthi kungani uMagaqa ayalela umqaphi wakhe ukuthi aphelezele abantu ababethunywe ukuyothenga ukudla?
UMagaqa, Nkk Msiya, noNksz Nonsikelelo Mafa, bahlaselwa umqaphi kaMagaqa esahambile nalabo ababethunywe ukudla.
“Kungani avumela ukuthi asale engagadwe umuntu?” kubuza ummeli womunye wabamangalelwa u-Advocate Mduduzi Mvune.
Abameli babamangalelwa bebefuna nokwazi ukuthi ngabe uMagaqa wayengahlomile yini ngesikhathi sesigameko, nokuwumbuzo uMbuso onqabile ukuthi uNkk Msiya awuphendule.
UMbuso uphinde wanqaba ukuthi uNkk Msiya aphendule umbuzo wokuthi ngabe ufunde wagcina kuliphi izinga.
UNkk Msiya unqabile ukuphendula ngenkathi ebuzwa ngobufakazi abuthula kwikhomishini eyayiphenya ngezigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, wakhala ngokuthi usezikhohliwe ezinye zezinto azisho kwabekhomishini.
Abameli babamangalelwa babuze ukuthi kungani uNkk Msiya engazange akuveze esitatimendeni samaphoyisa ukuthi basola ukuthi bahlaselelwa ukukhuluma ngenkohlakalo eyayenzeka ngesikhathi kwakhiwa kabusha ihholo lesikhumbuzo eMzimkhulu?
“Ngangihlukumezekile ngokomqondo ngesikhathi ngenza isitatimende samaphoyisa, yingakho okunye ngakushiya.”
Izolo, uNkk Msiya ulandise inkantolo ngezinsolo zokufihlwa kwemibiko ethinta ukusetshenziswa budedengu kwezimali zokwakhiwa kabusha kwehholo ledolobha.
Utshele inkantolo ukuthi kuze kube yinamhlanje akakaze awubone umbiko wehhovisi likandunankulu waKwaZulu-Natal, owawuphenya lezinsolo.
UNkk Msiya ungomunye wabantu ababephambili ekuceleni ukuba kuphenywe izinsolo zokubhubhudlwa kwezimali zokwakhiwa kabusha kwehholo lesikhumbuzo.
Ngemva kwengcindezi, ihhovisi likandunankulu lagcina liqale uphenyo ngalolu daba. Yize umbiko sewaphothulwa kudala, uNkk Msiya utshele inkantolo ukuthi akakaze awubone.
UNkk Msiya uthe babekade belwe impi ende ngaphambi kokuthi kuqalwe uphenyo.
“Saqala sinxusa umnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu ukuthi uphenye ngaloludaba. Emva kokuthi
UNkk Msiya uthe kuyinto ejwayelekile emkhandlwini ukuthi imibiko inganikezwa amakhansela. Utshele inkantolo ukuthi babekhalaza nangokunganikezwa umbiko womcwaningi mabhuku owawukhuluma ngalezinsolo.
Bekuwusuku lokugcina uNkk Msiya ethula ubufakazi.
UMbuso uzobiza ufakazi omusha uma icala seliqhubeka kusasa.