UMDIDIYELI wamabutho akwaMandlakazi, uMnuz Nkosikhona ‘Phakelumthakathi’ Ndabandaba (43), uchaza ngokwaholela ekutheni egcine esehilizisana ngamazwi nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, ngesikhathi kunenkonzo yokuphelezela undunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi.
UPhakelumthakathi ubonakala kumavidiyo asabalele ezinkundleni zokuxhumana ethethisa uNgizwe ngesikhathi kunenkonzo eyayisoLundi.
Uzwakala ethi yena angathi elwa nabantu uNgizwe ebe embelethe emhlane.
Kwala noma sekukhuza owayeyimeya yaKwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango, ethi alunganakwa uhlanya, kepha uPhakelumthakathi uzwakala ebuza ukuthi uma ehlanya pho iphi ingozi yokuhlanya.
Ekhuluma neSolezwe, uPhakelumthakathi uthe okwamcasula ngoNgizwe ukuthi wathuka uMncwango.
UPhakelumthakathi uthe wazibamba ngesikhathi kwenzeka lokhu ngenxa yokuthi babeseduze kwebhokisi.
Uthe lapho ahluleka khona ukuzibamba ingesikhathi uNgizwe esethuka amabutho akwaMandlakazi.
“Akekho umuntu onelungelo lokukhuluma nabantu bakwaMandlakazi ngoba kusuke kukhona izinduna ezisuke zibagadile. Wakhuluma wabhekisa ngasezinduneni zakwaMandlakazi ezazikhuza abantu wathi ‘shi, hlalani phansi nina boblatishidi’. Kwavele kwavuka nokuthi uke wathuka umuntu omdala ongubaba kithi, uMncwango.”
UPhakelumthakathi uthe wakhetha ukumkhuza uNgizwe ngoba ebalekela ukuthi kungaze kusuke udlame.
“Phela uma kuhlangene abantu kusuke kukhona yonke inhlobo yomuntu, kusuke kukhona nezinkabi. Inhloso yami yokumkhuza kwakuwukuthi akabhasobhe. Ingozi yayingavela ukuba angizange ngikhuze.”
UPhakelumthakathi uthe useyidlulisile eyokuxabana kwakhe noNgizwe, wakhuza nabasaqophisana ngalesi sigameko ezinkundleni zokuxhumana.
“Eyezinsizwa idlula ngalo lelo langa. Njengoba wabona uNgizwe engazange asukume ngesikhathi ngimkhuza, kukhombisa ukuthi naye walibona iphutha lakhe.”
UPhakelumthakathi wadonsa amehlo abantu ngosuku lwenkonzo yokuphelezela uButhelezi ngenxa yendlela ayedidiyela ngayo amabutho kanye nombhalo owasemzimbeni wakhe othi “Shenge 95’’.
UButhelezi ukhothame eneminyaka engu-95.
UPhakelumthakathi uncome igalelo likaButhelezi ekuthuthukiseni izwe.
“Bengibukela kuyena uButhelezi njengoba ngashiywa ubaba ngisemncane. Ngaba nenhlanhla yokuhlangana naye uButhelezi ngineminyaka eyisishiyagalolunye. Ngaphinde ngahlangana naye ngezinye izikhawu emva kwalokho ikakhulukazi ngesikhathi ngiyikhansela KwaNongoma.
“UButhelezi ubekwazi ukuzehlisa, ezikhohliwe ukuthi uyiNkosi. Cabanga iNkosi ixhawula ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye. Engikuthanda ngaye ukuthi ubelilwela iqiniso engenandaba nokuthi iningi lithini.”
UPhakelumthakathi usanda kuqokwa kwesokudidiyela amabutho akwaMandlakazi lapho ebambisene nomsakazi woKhozi FM, uKhathide Ngobe kanye noMntwana uFunda Zulu.
Uqale ukuhola izinsizwa eneminyaka engu-16.
Uthe ngesikhathi sakhe uthanda ukuhlala nezingane zakhe, aphinde enze imisebenzi yasekhaya.
“Ngingumuntu othanda nokuhlala nabantu. Ngiyathanda ukuthi abantu bangivakashele.”
UPhakelumthakathi uwunyazi lomgadli njengoba ethi ebholeni lezinyawo unerekhodi elingakaze liphulwe.
Uthe ngo-2007 washaya amagoli angu-46 ngesikhathi edlalela iqembu lebhola uMlazi Citizens.
“Ngisho uMbesuma (owayengumgadli weKaizer Chiefs, uCollins), akazange aliphule leli rekhodi. Namanje ngisaqhubeka nokudlala ibhola, ngidlala nezingane ezino-16. Ingakho ngithi nginamandla amaningi, amanye angazi nokuthi ngizowenzani.”
UPhakelumthakathi uphinde abe umdlali we-mixed martial arts.
Kulo mkhakha unebhande eliwolintshi.