KUJIKE izinto ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa ufakazi wombuso ephekwa ngobhojwana ngabameli babasolwa.
Ufakazi wesine woMbuso, uColonel Lambertus Steyn ongungoti wobufakazi bamaselula, wenekele inkantolo yonke into ngoLwesihlanu.
USteyn uveze ukuthi uneminyaka engaphezu kwengu-40 embuthweni wamaphoyisa, wabala uhide lwezitifiketi zakhe zomsebenzi wokuphenya. Uthe usefakaze emacaleni amaningi elekelela ukugojela abamangalelwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo-2014. Bahlanu abalisa ababhekene necala lokubulala uMeyiwa abaphambi kwenkantolo.
USteyn ubeqale ukufakaza ngoLwesine lapho eveze khona ukuxhumana ngamaselula phakathi kukaKelly Khumalo nommangalelwa wesihlanu, uSifisokuhle Ntuli.
Namuhla abammeli babasolwa bathole ithuba lokupheka ngemibuzo lo fakazi. Ummeli wokuqala u-Advocate Sipho Ramosepele udikadikane noSteyn kubangwa indaba yeselula yomsolwa wesibili.
USteyn uveze ukuthi iselula ibhaliswe ngegama lomunye umuntu hhayi elomsolwa. Uphike wama ngentaba umsolwa ngephimbo lommeli wakhe.
“Iselula ngayithenga eRustenburg njengoba ngangisebenzela khona, ngiyithenga esitolo cishe eDunns noma eMarkhams futhi yaphuma nalo ikhadi engalibhalisa mina ngomazisi wami,” kusho umsolwa wesibili uBongani Ntanzi.
Lo msolwa ubuye waveza ukuthi le nombolo okukhulunywa ngayo enkantolo waqala ukuba nayo ngo-2019 wayengasebenzisi yona ngo-2014 okuwunyaka okwahlaselwa ngawo uMeyiwa kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo
Kuze kwayiwa ekhefini letiye kudikadikwa lolu daba. Kubuye kwagqama ukuthi ufakazi akahlolanga wonke amaselula abantu abebekhona endlini nabathintekayo kuleli cala.
URamosepele ubuzile ngokuthi iselula kamakhelwane owatshela inkantolo ukuthi waboleka uKelly Khumalo iselula yakhe esibhedlela, wathi ufakazi akakwazi ukuphawula ngalokho ngoba akasakukhumbuli.
Kubuye kwaba nokudideka ufakazi ethi amaselula alethwa kuye ayesuka emajele amabili eLeeuwkop noma eKgosi Mampuru kodwa ngesikhathi ummeli eveza ukuthi ammele akakaze aboshwe kuwo womabili lawo majele, ufakazi uthe akubuzwe abaphenyi.
#SenzoMeyiwaTrial: When asked if cellphone records show that Chicco Twala called Nthabiseng Mokete's number while they were at the hospital, Col Lambertus Steyn says, "I cannot comment on something that wasn't in my possession." #Newzroom405 pic.twitter.com/CScTtzmHSM
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) July 31, 2023
Ummeli womsolwa wesithathu u-Adv Charles Mnisi naye ushikilisane nofakazi bebanga udaba lwesithombe esikhomba ammele.
UMnisi ucele ufakazi ukuba atshele inkantolo ukuthi kungani ethi lo osesithombeni nguyena ngempela uMthobisi Mncube.
Ubale izinto eziningi njengamakhala, umlomo namadlebe, wathi amehlo akakwazi ukuwabona kahle njengoba umsolwa emncisha amehlo kodwa ngeledlule wayemgqolozele.
Inkinga iqale lapho ummeli ebuza ukuthi kungani engaphawuli ngombala wesikhumba.
Uvuke ngolaka ufakazi eveza ukuthi umsolwa ukhanyiswa wukuba sejele nokusho ukuthi ukube ebengaphandle ngabe unebala elizothile.
“Usungudokotela wesikhumba wena? Uyakwazi ukuchazela inkantolo ukuthi umuntu uma engena ejele uyaqhakaza uma engaphendle uyagqunqa? kubuza ummeli ngokumangala.
Kusize ukusukuma komshushisi sekucaca ukuthi ummeli ugadle kwazwela.
Ngisho eseshintsha indlela yokubuza ummeli, ufakazi uhlulekile ukuphumela obala avume ukuthi umsolwa wesithathu uyakhanya ngokwebala.
Icala liyaqhubeka, thenga Isolezwe kusasa usilandele nakuzo zonke izinkundla zokuxhumana ufunde ngokuqhubekayo enkantolo eNkulu ePitoli.