BAYOKHOHLWA befile abazibonele owesilisa enquma umakhelwane wakhe uqhoqhoqho ejoyintini kubuka abantu endaweni yokucima ukoma eMevamhlophe, eMpangeni, ngempelasonto.
Kulesi sigameko esishaqise umphakathi, kwazise senzeke emini ka bha, kunqunywe uMnuz Thabani Ncanana (21) okuthiwa uke wahilizisana nalo wesilisa emasontweni edlule, khona endaweni yokucima ukoma.
Kuthiwa umufi ufele endaweni yesigameko.
Ngokusho kukamalume kamufi, uMnuz Sifiso Mathe, umufi ubeziyele eSiphethwini, okuyindawo yokucima ukoma endaweni.
Kuthiwa phambilini laba ababili bathi uma bexabana, umsolwa wasabisa umufi ngokuthi uzomgwaza, okuthe uma sebeficana kule ndawo umufi wabuza ukuthi wayesho ukuthini uma ethi uzomgwaza. Kuthiwa ingxabano isuke lapho ke, umsolwa wakhipha uhalakasha lommese wamnquma uqhoqhoqho ethi ‘ uyamkhombisa ukuthi wayechaza ukuthini’.
UMathe uthe abebekhona kule ndawo babatshele ukuthi umsolwa ubalekile.
UMathe uthe umsolwa usuke kule ndawo waya kwenye ebude buduze wayoziphuzela kuyona kwangathi akonakele lutho.
Uthe ubhadanywe yibo namaphoyisa ezidansela futhi ezicima ngotshwala.
"Uthe uma ebona amaphoyisa wabaleka wangena ethoyilethi. Eseficwa khona, uma ebuzwa ukuthi wenzeni, wathi yena akenzanga lutho," kusho uMathe.
Uqhube wathi uthe uma ebuzwa ngesigameko, wathi yena akukhumbulayo ukuthi baxabene nomufi kuphela.
Kuvela nokuthi ummese omkhulu anqume ngawo umufi uwufake esikhwameni wawunika isihlobo esiyingane wathi asiyowufihla.
"Sithe uma sifika kubo namaphoyisa, usucingwe nasehlathini ummese ungatholakali, unina wambuza ukuthi yini le abeyinika ingane ekuseni, ethi iyoyifihla," usho kanje.
Uqhube wathi isikhwama abefake kuso ummese sigcine sitholwa emva kwendlu lapho ebesithukuswe khona yingane.
"Ubusenalo igazi. Ngathi uma ngimbuza ukuthi umbulaleleni ubafo, wathi ubengazi ukuthi owakithi. Ngaxakeka ke ngoba phela umuntu noma ngabe owaphi, akufanele abulawe," kusho uMathe.
Uthe abamdingi ngaphandle umsolwa njengoba engumuntu owaziwa ngokuba yisigelekeqe endaweni.
Uveze ukuthi wenza leli cala nje, ungaphandle ngebheyili ngelinye icala asaqhubeka nokulihamba enkantolo.
"Udaba silubizele amaphoyisa ukuze umthetho udlale indima yawo ngoba asifuni ukuzithathela umthetho ngezandla. Lo muntu asimdingi ngaphandle, asifuni aphume ngisho nangebheyili," kusho uMathe.