UBUCHULE nesineke samaphoyisa bufake kunoxhaka abasolwa abayisithupha ngecala lokubulawa komculi uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello 'Tibz' Motsoane abadutshulwa eThekwini ngoFebhuwari nyakenye.
Laba kulindeleke bavele bavele enkantolo ngoLwesine.
Ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ebusuku uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe iqhinga labo bekungukuthi abasolwayo baqale bababophele amanye amacala abathinteka kuwo ngaphambi kokuthi bababophele elokufa kuka-AKA ngoba babengafuni ukuthi kube khona ababalekayo.
Uveze ukuthi umsolwa wokuqala waboshwa ngo-Ephreli nyakenye, wathi kulaba ababoshiwe kukhona umdidiyeli wetulo lokubulawa kuka-AKA. Kubo kukhona ababili abadubula, kube khona ababili ababemelusile beqaphile lapho ehamba khona, omunye wamlandela esuka esikhumulweni sezindiza iKing Shaka Airport efika waze wafika ehhotela. Omunye wayengaphakathi endaweni yokudlela owadutshulwa ephuma kuyo u-AKA. Uthe omunye wayehlanganisa izibhamu nezimoto okwasetshenziswa kuleli cala.
Uthe kwasetshenziswa izimoto ezine kuhlelwa ukusocongwa kuka-AKA.
Uthe ngoMashi 2023 bathola imoto iMercedes Benz eyasetshenziswa ngoMeyi 2, bathola isibhamu ngoJuni 23 bakwazi ukusiyamanisa nala macala womabili okubulala. Ngo-Agasti 2 bathola imoto i-BMW eyayilandela u-AKA esuka esikhumulweni sezindiza. Ngo-Okthoba 20 bathola imoto iHyundai Grand i10 kanti ngo-Okthoba 23 bathola imoto i-VW Polo. Izimoto zokugcina ukutholwa amaphoyisa uveze ukuthi zaziqashiwe kanti bakwazi ukuqoqa ubufakazi kumnikazi wazo bokuthi ngobani ababeziqashile.
Uthe umsolwa wesibili owayelandela u-AKA waboshwa ngo-Okthoba 24 nyakenye ngelinye icala, umsolwa wesithathu waboshwa ngoDisemba 14 nyakenye ngelinye icala elenzeka eManzimtoti.
UMkhwanazi ubuye wathi ngoFebhuwari 24 bahlonza abasolwa ababili ababoshwe ngoMgqibelo ekuseni eSwatini emuva kokuthi bethole ukuthi baqashe indlu kuleliya zwe. Uthe bakhulume nophiko lwezokushushisa ukuba lwenze i-affidavit abayithathile besebenzisana ne-Interpol laba ababili base beyaboshwa.
Uthe emuva kokuvela kwezindaba zokuboshwa kwabasolwa, abanye abasolwa babalekile kodwa bathola izincwadi ezigunyaza ukuthi baboshwe. Laba basolwa baboshwe izolo ntambama.
Njengamanje abakuleli abasolwa abane kanti abanye ababili yilaba abasaboshelwe eSwatini naveze ukuthi ngeke asho ukuthi bazofika nini kuleli ngoba kukhona uhlelo lwezomthetho olusalandelwa ukuze babuyiswe kuleli.
Uthe kwakuhlelwe ukuthi u-AKA adutshulwe esemotweni kodwa wathatha isikhathi ukuvalelisa kubangani. Umngani wakhe wathelwa amachaphazelo. Uveze ukuthi umuntu owahlanganisa izibhamu nezimoto nguyena “umdidiyeli wezinkabi“ ngoba nguyena futhi owakhokhela abasolwa emuva komsebenzi.
Ebuzwa ngendaba yemali abakhokhelwa yona abasolwa ukuze babulale u-AKA, uthe ngeke asho kodwa ngokwemibiko yephephandaba i-Times of Swaziland abasolwa bakhokhelwa uR800 000. Ngokwaleli phephandaba kuleliya zwe kuboshwe izelamani.
Kulesi sithangami kuvele ukuthi kunomunye umsolwa wesikhombisa osabalekile.
UMkhwanazi uqhube wathi kusengenzeka ukuthi kube khona abanye abasolwa ababoshwayo uma uphenyo lwamaphoyisa lubiza ukuthi baboshwe.
Uthe okwamanje ngeke basho ukuthi “umdidiyeli” nguye ongungqondongqondo owayefuna kubulawe u-AKA, noma naye wayethunywe abathize.