UKHATHAZEKILE ngokuphepha kwakhe owesifazane waKwaPata, eMgungundlovu, kulandela isigameko sokudlwengulwa okusolwa kuso iphoyisa ngaphakathi esiteshini samaphoyisa ngesikhathi eyofuna usizo.
Ngokusho kukanina kamgilwa (25), isigameko senzeke esiteshini samaphoyisa i-Pietermaritzburg SAPS ngo-Agasti 15.
Uthe umgilwa wayeyokwenza incwadi efungelwe, ayezoyisebenzisa ukufaka isicelo somsebenzi ndawana thize.
Umsolwa ogcine eboshwa ngamaphoyisa ngo-Agasti 16, uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu, ngoMsombuluko, wadedelwa ngebheyili ka-R5 000.
Unina kamgilwa uthe lokhu akwehlanga kahle kumgilwa njengoba ebevele enovalo kulandela isigameko.
“Emva kwesigameko, indodakazi yami ivela yama ukuya lapho eyenza khona i-internship yayo ngenxa yokwesaba. Ithi izizwa ingaphephile,” kusho unina kamgilwa.
Uqhube wathi, okwenze isimo saba sibi kakhulu, ukukhishwa kukamsolwa ngebheyili.
“Kumsabise kakhulu ukudedelwa kwakhe ngebheyili, ubona ukuthi angamlandela nokumlandela, bese eyamenzakalisa,” kusho unina kamgilwa.
Elandisa ngokwenzeka ngosuku lwesigameko, uthe umgilwa wayemi kulayini elinde ukusizwa ngesikhathi umsolwa emtomula kulayini, ethi akeze uzomsiza ehhovisi lakhe.
“Wathi uma esengaphakathi ehhovisi lakhe, wamenzisa incwadi efungelwe. Uthe esuka wakhipha isibhamu enqulwini, ethi siyamsinda,” kusho unina kamgilwa.
Uqhube wathi, ngokuphazima kweso, umgilwa uthe esuka wayebona umsolwa ekhiya isicabha, waqala wamdlwengula, emsabisa ngesibhamu ayesesisusile enqulwini.
Udalule ukuthi emva kwesigameko, ngenxa yovalo, umgilwa waphuma wahamba esiteshini engabikile ngosekumehlele.
Uthe washayela omunye umngani wakhe emtshela ngosekumehlele, nowamluleka ngokuthi akangabe esapholisa maseko, akaye kwadokotela, ayohlolwa bese eyovula icala kwesinye isiteshi. Iphoyisa laboshwa ngakusasa.
Okhulumela uphiko oluphenya ubugebengu obenziwa ngamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uMnuz Phaladi Shuping, usiqinisekisile isigameko.
Uthe i-IPID iqale ukusebenza udaba emva kokudluliselwa idokoko ebelivulwe esiteshini samaphoyisa i-Mountain Rise.
“Umsolwa uvelile enkantolo ngoMsombuluko, ebhekene necala lokudlwengula, icala lahlehliselwa u-Okthoba 11 nonyaka, ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uShuping.
Ungoti kwezokululekwa ngokwengqondo, uDkt Manqoba Myeni, uthe abasolwa abenza okubi kwabanye njengakho ukudlwengula, bavame ukuthi baqale bamhlaziye masinyane umgilwa.
“Ngeso elisheshayo, basuke befuna ukubheka ukuthi uma benza isehlakalo mangakanani amathuba okuthi basenze ngempumelelo,” kusho uDkt Myeni.
Uqhube wathi izigameko ezifuze lesi ziyenzeka ezindaweni ezehlukene, nakhona emaphoyiseni.
“Ezindaweni lapho okuhlangana khona abantu, bezofuna usizo, kukhona yonke inhlobo yomuntu okufaka phakathi nezigebengu. Umuntu angaba yiphoyisa kodwa aqhubeke enze izinto eziphambene nomthetho,” kusho yena.
Uthe kuba nzima kumgilwa ukusheshe abone ukuthi umuntu ofuna ukumnika usizo, eceleni, unezinye izinhloso.
“Mhlawumbe kubagilwa kungafanele baqale bazibuze imibuzo ngesikhathi etonyulwa eningini ukuthi ayonikwa usizo ngokukhethekile, azibuze ukuthi kungani etomula mina ngedwa, abantu bebaningi kangaka,” kusho uDkt Myeni.