INKUKHU inqunywe umlomo wadideka ufukazi wesibili, uSergeant Mlungisi Mthethwa, ngenkathi ebuzwa ukuthi akalibonanga yini igazi?
Ufakazi ubephekwa ngemibuzo ngu-Advocate Tshepo Thobane, omele abasolwa abane ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, ngo-2014 ekubo kwentombi yakhe uKelly Kumalo, eVosloorus.
Umbuzo wokuqala ubumayelana nesikhathi okwafika ngaso uSergeant Thabo Mosia, endaweni yesigameko. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi ethula ubufakazi uMosia, utshele inkantolo ukuthi wafika eseshayile u-12 ebusuku. Ubufakazi bukaMthethwa buveza ukuthi yena wahamba ngo-10 ebusuku kanti uMosia wayesefike kudala.
Lokhu kugqamisa ukushayisana kofakazi bombuso. Esebuzwa ukuthi akashongo lutho ngegazi akalibonanga yini? Uthe walibona egumbini lokuphumula.
“Kuphi nendawo egumbini lokuphumula?” kubuza uThobane.
UMthethwa uhlulekile ukuchaza kahle ukuthi lalikuphi igazi phansi endlini. UThobane ubesedlulisa izintambo ku-Advocate Zandile Mshololo.
Ebuzwa ngokufunda nolwazi lwakhe lomsebenzi, kuvele ukuthi uMthethwa wayengakaqini ukhakhayi ebuphoyiseni. Kubuye kwavela nokuthi akakhulumanga iqiniso ngokuthi ayemangaki amaphoyisa afika endaweni yesigameko.
Kuvela ukuthi kukhona amanye amaphoyisa ayesafundela umsebenzi ababehamba nabo.