LIZIHOLA phambili ngezibalo zobugebengu iTheku uma liqhathaniswa nezinye izifunda zaKwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Senzo Mchunu, esiteshini samaphoyisa saseNanda, izolo.
UMchunu, uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, iMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, iNhloko yamaPhoyisa kaMasipala weTheku, uSibonelo Mchunu nabanye, bebehlangene ukuzosayina isivumelwano sokusebenzisana ekulweni nobugebengu.
Baphinde bayohlanganyela nezinhlaka ezilwa nobugebengu enkundleni yezemidlalo, iJL Dube, oHlange, lapho bekuyokwethulwa khona umkhankaso wokuphepha ngamaholidi kaKhisimusi.
UMchunu uthe ezibalweni zobugebengu esifundazweni sonke, iTheku liqengqeleza phambili ngo-42%, nathe kuyinto ekhathazayo.
Uthe izakhamuzi ezingaphezu kuka-3 million zaseThekwini, zicabanga kabili uma kufanele zibeke unyawo ngaphandle kwalapho zihlala khona, wathi zenza okufanayo ngisho zingaphakathi ezindlini zazo ngoba ukuhlaselwa yinto engenzeka noma inini. Uphinde wenza isibonelo sokuthi ngisho nezingane azisakwazi ukudlala ngenkululeko ngoba nazo ziba abagilwa bobugebengu.
Uvumile ukuthi abanawo amaphoyisa enele ukulwa nobugebengu obungu-42%, wathi yikho bevumelane ngokuthi amaphoyisa eSAPS naweTheku awahlangane, alwe nobugebengu ngokubambisana.
“Sizohlukanisa iTheku izigaba ezintathu njengoba sazi ukuthi njengamanje uyedwa uKhomishana wesifunda seTheku (uMajor General Makhosazana Kheswa). Ukulihlukanisa kathathu iTheku kuzolekelela ekutheni nezinsiza zihlukaniseke kahle,” kusho uMchunu.
Uqhube wathi bahlela nokususa ukusebenza kwamakhamera kaMasipala weTheku ngaphansi kophiko lwezinhlekelele bakuyise ngaphansi kwamaphoyisa kamasipala.
Uthe lokho kuzolekelela ekutheni uma sebejaha izigebengu, bese bebheka ukuthi yikuphi lapho angekho khona amakhamera, babone ukuthi yiziphi izinsiza abazoziyisa kulezo zindawo.
UNtuli uthe lesi sivumelwano sibalulekile njengoba kubhekwe emaholidini kaKhisimusi.
“Ngesikhathi samaholidi, iKwaZulu-Natal ivula iminyango ezivakashini ezisuka kwezinye izingxenye zezwe, ezinye ezivela nakwamanye amazwe. Kubalulekile ukuthi siqinisekise ukuthi ziphephile,” kubeka uNtuli.
Uthe ubugebengu abulimazi nje kuphela ukuphepha kwabantu, bubuye buzwele nasemnothweni njengoba abatshalimali nezivakashi, bayayishalazela indawo enobugebengu obuphezulu besabela ukuphepha.
Unxuse zonke izinhlaka, ngisho nezomphakathi ukuthi zisukume zibambisane ukulwa nobugebengu.
UMkhwanazi ukhale ngobuningi bezindawo zokucima ukoma eThekwini, nathe zinomthelela omkhulu ezibalweni eziphezulu zobugebengu kulesi sifunda.
Uthe ezibhaliswe ngokusemthethweni zingu-2 628, kanti amaphoyisa aqaphe ubugebengu iTheku lonke angu-5 480, wathi izinsiza zokusebenza azenele kodwa unethemba lokuthi isivumelwano sokusebenzisana sizokwenza umehluko.
Kuthulwa lo mkhankaso nje, iNanda ivela ohlwini lweziteshi eziyishumi eNingizimu Afrika ezihamba phambili ngobugebengu
Le ndawo ike yaba sematheni ngamaqembu emigulukudu aphilisa lubhojozi umphakathi phakathi kwawo kukhona nelizibiza ngeWest.
Muva nje, kuke kwanda izigameko zokudubulana kwamaphoyisa nezigebengu ezingxenyeni ezahlukene zaKwaZulu-Natal.