KUCASUKE abaningi ezinkundleni zokuxhumana kuvela imibiko ethi uMnyango wezokuVakasha uhlela ukuxhasa iqembu lebhola lase-England ngemali elinganiselwa kwiR1 billion
Le mibiko evezwe yiphephandaba iDaily Maverik, ithi lo mnyango uhlose ukwenza lokhu ukuze uhehe izinkumbi zabavakashi abasuka emazweni aphesheya kuleli.
Lokhu kucasule abantu abaningi bethi abakuboni kungumqondo ophusile ukwenza lokhu.
UNksz Lindiwe Sisulu ongungqongqoshe obhekelele lo mnyango uyihlabile le mibiko wasola leli phepha ngokuzama ukudicilela phansi isithunzi sakhe.
“Ngiwubonile umbiko weDaily Maverick, ngeshwa wakhiwe ngamampunge futhi kawuqondile ngoba uhlose ukudicelela phansi igama lami. Angikungabazi ukuthi lo mbiko uqhuba impi yepolitiki esikhundleni sokubikela umphakathi iqiniso ngokuhambisana nemigomo yokusebenza yezobuntatheli,” kusho yena.
Ngokwesitatimende esihambisana nalo mbhalo wakhe awufake ezinkundleni zokuxhumana, lo mnyango uthi okushiwo wumbiko wephephandaba ukuthi ungqongqoshe uphoqa lo mnyango ukuba uthathe lesi sinqumo ngenkani ngoba esezokhishwa emnyangweni, akulona iqiniso.
Uthi lesi siphakamiso sisafakwe kwibhodi lalo mnyango futhi ungqongqoshe ubengakabikelwa ngaso, wathi ziningi iziphakamiso ezifakwa kulo mnyango zidluliselwe kwibhodi bese zidluliselwa ethimbeni langaphakathi okuyilona elesebenza ngazo. Ungqongqoshe akangeneleli ezinqumeni ezithathwa yibhodi.